PHUMLANI GAMA
IQUBULA ingebhe yokuvuka komkhuba wokuntshontshwa kwezimoto zaseNingizimu Afrika ziweliswe umngcele ohlukanisa leli neMozambique – eManguzi, KwaMhlabuyalingana – eyokuhoxiswa kwamaphoyisa abetshalwe ukunqanda lo mkhuba. UMnu Joseph Ngubane ongusihlalo wekomidi lezokuphepha eMkhanyakude, uveze ukuthi lukhulu uvalo kubanikazi bezimoto endaweni ngenxa yokwephucwa la maphoyisa.
Uthe iningi lawo lithathwe ngaphandle kokuba kuxhunyanwe nabo bewuphiko lwezokuphepha endaweni. Ukhale ngokuthi ukungabonakali kwawo ezindaweni abejwayele ukuba kuzona, kuzokwenza ukuba izigilamkhuba ziqhubeke nokuntshontsha izimoto.
Uthe inkinga wukuthi izigilamkhuba ziyabulala futhi zinukubeza abesifazane nezingane. “Kuyishwa ukuthi bathathe la maphoyisa abevundulula ngisho amacala eminyaka. Esinye isikhulu samaphoyisa singifonele, sathi sisendleleni, siyalelwe ukuba siyosiza eCape Town, nakhona kuhlasele ubugebengu,” kusho uNgubane.
phumlani@ilanganews.co.za