abulale inkosikazi yakhe ngoba edinwa wukuthi isimfakele incwadi yesivimbelo sasenkantolo.
NOMFUNDO NGWANE
INGENE eNkantolo yeMantshi eMbumbulu izolo ngoLwesithathu ibakaza inhlalisuthi esolwa ngo-kugwaza ibulale inkosikazi yayo ngoLwesine olwedlule, emuva kwalokho yayibhoboza nge-grinder esiswini amathumbu aphumela ngaphandle ngoba idinwa wukuthi umkayo useyifakele incwadi yesi-vimbelo sasenkantolo.
UMnu Sibusiso Mvubu – obesebalekele kubo eNquthu – emuva kokubulala uNkk Philisiwe Mvu-bu, uMaMlumbi – uzinikele ema-phoyiseni ngoLwesibili ehamba nodadewabo. Kuthiwa uzinikela nje, amaphoyisa ake agasela emzini kadadewabo, wawacashela, atshelwa ukuthi akaziwa. Kuthiwa ashiye umlayezo kudadewabo, athi uma engazinikeli emaphoyiseni, uzoyikhotha imbenge yomile.
Kuthiwa akuphelanga sikhathi esingakanani, wabonakala engena eqhaqhazela esiteshini samapho-yisa, eqhutshwa ngudadewabo. Izolo ngoLwesithathu uvele enka-ntolo ebonakala ethukile, eqalaza bonke abantu abebekhona.
Bekunamaqembu ezepolitiki ahlukene, ephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi umsolwa angayi-tholi ibheyili, makabolele ejele ngenxa yesihluku asenze kumka-khe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA langomhla ka-05-07 kuNtulikazi (July) libike kabanzi ngodaba lokubulawa kukaNkk Mvubu, isidumbu sakhe esitholwe yingane eneminyaka ewu-10 ubudala, ebihlala nomufi nomyeni wakhe.
Isidumbu besivalelwe endlini, silaliswe embhedeni, sambozwa ngengubo yokulala kuhle komuntu olele. Odabeni lweLANGA olwe-dlule, kuvele ukuthi uNkk Mvubu wabulawa ngosuku obelwandulela olokugubha usuku ashada ngalo nomsolwa. Bebezobe beqeda imi-nyaka ewu-5 babopha elikasofa silahlane.
Kuthiwa emasontweni amabili edlule uMnu Mvubu wake wavuka phakathi kwamabili umkakhe elele, wamqulela ngamanzi aba-ndayo edinwa wukuthi usemtha-thele incwadi yesivimbelo sase-nkantolo ngenxa yokuthi bebehlala ngokuxabana.
Ufa nje, kuthiwa ubeselala ko-makhelwane avuke ekuseni aye emzini wakhe eyolungiselela uku-ya emsebenzini. Icala likaMnu Mvubu lihlele umhla ka-12 kuNtulikazi (July) ukuba ayofaka isicelo sebheyili.
nomfundo@ilanganews.co.za