Ingoduso “yempunyela” ichitha eyokudubulana komyeni wayo namaphoyisa

1315

MTHOBISI SITHOLE

BESE zisemaphethelweni izinhlelo zamalungiselelo omshado kasomabhizinisi okuthiwa udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa esemzini wakhe, endaweni yabadla izambane likapondo eZimbali Estate, eBallito ngoLwesithathu olwedlule. 

UMnu Nkululeko Mkhize (30), waseMzingazi, eRichards Bay, ubulawe nonogada wakhe, uMnu Sabelo Cele, owayeyiphoyisa eminyakeni edlule. Ubulawa nje, ubehleli nengoduso yakhe, uNkz Nontethelelo Nkosi, obekulindeleke ukuba bagcagce ngonyaka ozayo. 

Leli phephandaba lithole ukuthi ngomhla ka-26 ngoLwezi (November) nonyaka, uMnu Mkhize ubezogcagcelwa yingoduso yakhe endala, uNkz Nondumiso Khubisa. izinhlelo zomshado wabo besezisemaphethelweni ngoba nabantu besebethunyelwe izimemo.

  UMnu Mkhize owaziwa ngokuba ngumacaphuna kusale, waduma kakhulu ngesikhathi ekhehla ingoduso yakhe, uNontethelelo, oNdini, ngoNhlaba (May) ngo-R1.5 million

Ngesikhathi uMnu Xolani Mcineka – ohlela imicimbi kamasikandi eThekwini – ekhehla ingoduso yakhe yesibili, uMnu Mkhize wadlala indishi ngo-R100 000.  

Ukubulawa kwakhe kuyanyaniswe nesigameko sokubulawa kwabantu abayisihlanu edolobheni eRichards Bay ngoLwesibili olwedlule. 

Kuthiwa kugasele amaphoyisa emzini wakhe, elandela umkhondo ngokubulawa kwalaba abayisihlanu. Leli phephandaba lixoxe noNkz Khubisa – obekhona endlini ngesikhathi kugasela amaphoyisa – uthi isigameko senzeke ngabo-5 ntambama. 

Uthi akulona iqiniso ukuthi uMnu Mkhize nonogada wakhe bebedubulana namaphoyisa, basala enkundleni. 

Itshele ILANGA Lempelasonto ukuthi okuningi osekukhulunywa ngoMnu Mkhize kakulona iqiniso. Ithe indlela atheleke ngayo amaphoyisa, akekho obelindele ngoba noMnu Mkhize ubelele ekamelweni lakhe, engazelele.

“Abemaningi kakhulu amaphoyisa agasele endlini, wena owabona izigebengu zibamba inkunzi. Afike ngihleli no-anti osizayo endlini, angene agulukudela, athi masithule, asivalela ekhoneni, athatha amafoni ethu, amanye agijima anyuka izitebhisi, aya ekamelweni likaMkhize.

 “akuphelanga nomzuzu kwaqhuma isibhamu kabili, okuthe emuva komzuzu, saphinda saqhuma kabili. Bobabili uMkhize nonogada wakhe bebelele emakamelweni abo ahlukene,” kusho uNkz Khubisa.

Uthi lesi sitatimende esenziwe ngamaphoyisa kasilona iqiniso. Uveze ukuthi uMnu Mkhize udutshulwe ntambama, ahlala amaphoyisa kwaze kwashaya u-11 ebusuku qede ahamba nazo izidumbu zombili nemoto kaMnu Mkhize. 

Uthi avule nesisefo sezibhamu zakhe zonke ezilinganiselwa ku-8, azithatha newashi lakhe lika-R500 000. Itshele leli phephandaba ukuthi izikhwama ebezinezinto ezibalulekile, zithathiwe.

“Ngesikhathi sebedubulile, basixoshile endlini, bathi kasisafuneki endlini ngoba sekuyindawo yesigameko. Ngihlale kwamakhelwane kwaze kwahamba izidumbu.

 “Uma ngibuza ukuthi bekwenzekani endlini, bathi kushayeke unogada, angikhululeke akanankinga umyeni wami,” kulandisa ingoduso.

Uthe amaphoyisa abezifihlile ngesikhathi efika. 

   Ngokusho kwakhe, umyeni wakhe uhlale eZimbali kusukela nyakenye ngenxa yokuthi eRichards Bay ubengasaphephile. 

 Uthi ukungaphephi kwakhe bekudalwa yizinkinga zamabhizinisi. 

   Uveze ukuthi myeni wakhe unamaloli amaningi, amatekisi nemishini yokwakha imigwaqo.

mthobisis@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous articleIndodana yeBhova yeluleke abafundi ngomculo nemfundo
Next articleIcasule umshushisi ingoduso kanjiniyela “ikopela” ubufakazi enkantolo