Ingqayizivele yethuba kubalandeli beDowns KwaZulu-Natal

204

MFANAFUTHI NDLOVU

INGQAYIZIVELE yethuba kubalandeli beMamelodi Sundowns baKwaZulu-Natal, yokugudlana amahlombe nomphathi wale kilabhu – eyizingqwele zeDStv Premiership – uThlopie Motsepe (osesithombeni), oyindodana kaPatrice Motsepe ongumengameli weCaf. ILANGA lihoshe ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi uThlopie uzobe eseWorkshop, eThekwini ngoMgqibelo, emcimbini omkhulu weDowns wokuvukuza abalandeli abasha nokubonisa abalandeli izinkomishi ezinqotshwe yile kilabhu ngesi-zini ka-2023/2024.

UCedric Moela oyinational supporters co-ordinator, utshele ILANGA izolo ngoLwesithathu ukuthi bazimisele ngokumboza iTheku ngombala ophuzi. Uthe uma beqeda eWorkshop, bazovukela eMaxwell Shopping Centre, eMpangeni ngeSonto. 

Utshele leli phephandaba ukuthi inhlosongqangi wukuzwisa abalandeli bale kilabhu ubumnandi, bakwazi nokuthola ithuba lokuthatha izithombe nendebe ye-African Football League (AFL) neyePremiership. “Silindele abalandeli nabaculi abasafufusa abafuna ukuba yingxenye yalo mcimbi basondele. Sikholwa wukuthi bazophuma kuzona zonke izinkalo, ika-khulukazi abaseThekwini namaphethelo, abahlale bekujabulela ukweseka ikilabhu. 

Thlopie Motsepe, Mamelodi Sundowns Chairman during the MTN8 Goals for Charity at SHammanskraal Sports Complex, Pretoria on 22 March 2022 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

UDaniel Mudau, uTiyani Mabunda noSiphelele Mkhulise nabo bazokube beyingxenye yalo mjikelezo waKwaZulu-Natal. “Sikholwa wukuthi njengoba uMkhulise esuka KwaZulu-Natal, kunentsha yakulesi sifu-ndazwe ezokhuthazeka ukuthi uma izimisele ngokuhlonipha umsebenzi wayo kunobhutshuzwayo, miningi imivuzo ethola-kalayo,” kusho uMoela. 

Uthe ukuba yilungu leDowns kuhambisana nemivuzo eminingi. “Uyakwazi ukuthola izaphulelo ezindaweni zokulala okubalwa kuzona iSouthern Sun, yisezimpahleni zakwaPuma okungabaxhasi bethu bezingubo zokugqoka nakumasingcwabisane weqembu,” kusho uMoela.

URonwen Williams ongunozinti weDowns – onqobe umklomelo wePSL Footballer of the Season  noweGoalkeeper of the Season – ubonge ozakwabo abahlale bemeseka ngaso sonke isikhathi nomndeni wakhe. 

Uthe kuningi azimisele ngokukuzuza kule sizini ezoqala. 

mfanafuthin@ilanganews.co.za 

Previous article“UMkhonyovu” useqhwakele kwesemeya yaseZululand
Next articleUdumele ngesinqumo seChiefs