Ingqophamlando kutshalwa uShenge

504

BHEKI NDLOVANA
noPHUMLANI GAMA

KUBE yingqophamlando ukutshalwa kweNkosi uMangosuthu Buthelezi, ebingumsunguli we-IFP futhi ingundunankulu kaZulu.

 Obekungajwayelekile emngcwabeni, wuku-hlangana kwababengomengameli baseNingizimu Afrika; uMnu Thabo Mbeki, uMnu Jacob Zuma noMnu Kgalema Motlanthe.

UMengameli Cyril Ramaphosa ubehleli nabo. Nguyena owethule inkulumo yosuku. Ukhalele umndeni waKwaButhelezi, isizwe samaZulu, yi-IFP neNingizimu Afrika yonkana wathi: “Uwile umuthi omkhulu. Isizwe sethu simbethe ifu elimnyama.    

“Silahlekelwe ngumholi, usopolitiki nomeluleki ohlonishwayo, uNdunankulu wesiZwe samaZulu,nomsunguli futhi obengumengameli weNkatha Freedom Party”.

Utuse uMntwana ngokuthi ubelithanda izwe lakhe. Uncome igalelo lakhe kwezokugcinwa kwamasiko esintu, wathi: “Akalwelanga nje kuphela ukugcinwa kwamasiko nemikhuba yesintu saKwaZulu, kodwa wonke amasiko esintu eNingizimu Afrika. 

“Ubehlonipha ubukhosi bazo zonke izizwe nabaholi bomdabu.” 

Ubalule iqhaza likaShenge nasendimeni yezepolitiki, wathi ubengesabi ukukhuluma iqiniso. 

Ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lwenkonzo ngoMgqibelo, abanye bebezwakala bebabaza njalo bethi: “Kuyaqala ukuthi kube khona into enje ezweni, futhi akusophinde kube khona into efana nalena.”

uMnu Thembokwakhe Mdlalose (53), waseNgwavuma, obeyingxenye yabebehambele umngcwabo,  akawuvali umlomo ngento ayibonile, athe uyayiqabuka. 

Owayengumengameli waseNigeria -obesondelene kakhulu 

noMntwana waKwaPhindangene – uMnu Olusegan Obasanjo, ungomunye wabaholi nezicukuthwane ebezivela kwamanye amazwe. 

Nabaholi bamaqembu ezepolitiki bebephume ngobuningi, okubalwa uMengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema; nguMnu John Steenhuisen ongumholi weDemocratic Alliance (DA) kuzwelonke noMnu Bantu Holomisa ongumholi we-United Democratic Movement (UDM).

 UMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, ukhale wathi kawekho amazwi okuchaza okusezinhliziyweni zabo bengamalungu nabalandeli be-IFP. 

bhekin@ilanganews.co.za

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleUhambo lukaMfu Zondi noShenge
Next articleUhlukene phakathi umndeni embangweni webandla