Ingqwele ithenjiswe ukuthathiswa “impesheni” ngenqindi

421

LINDA XIMBA

IBIZWE ngekhehla, yathenjiswa ukuthathiswa “impesheni” ngenqindi, iyohlala nabazukulu ingqwele yebhande laseNingizimu Afrika kwi-junior featherweight, uBongani “Wonderboy” Mahlangu (44) (osesithombeni). Uphromotha kaMxolisi “The Nation” Zuma, uHlula “Mholi Wami” Dladla, utshele ILANGAukuthi sebeyiphonsile inselelo kuMahlangu ngebhande abakholwa wukuthi kumele lihlale KwaZulu-Natal.

UMahlangu waseBoipatong, eGoli, bekumele avikele leli bhande kuMzuvukile “Old Bones” Magwaca, kodwa sekuvele ukuthi leli bhokisa lase-Eastern Cape limanqika ukusayina inkontileka. 

Umphathi kaMahlangu, uSandile Mahlangu, uthe bayazi ukuthi ibhande labo seligaqelwe nguZuma. Uthe kabesabi muntu futhi kalikho ibhokisa elingamelana nabo eringini.

UDladla uthe: “Leli khehla elinguMahlangu selifike ekugcineni. Sizolephuca leli bhande, siliyekise isibhakela ukuze liyohlala nabazukulu balo. UZuma kumfanele ukuba yingqwele kazwelonke ngoba uphiwe ngakho konke.” 

UDladla uhambela phezulu kwazise usanda kukhiqiza ingqwele kazwelonke, uNkosingiphile Sibisi, osephethe ibhande
le-flyweight

Lo Mahlangu asemphonsele inselelo, usophe ukuvikela leli bhande okwesithathu njengoba walihlwitha ku-Ayabonga “Jay Jay” Sonjica e-Orient Theatre, e-Eastern Cape, eminyakeni emibili edlule.

Ngaphandle kokuziqophela owakhe umlando uZuma, uzofuna ukukhokhisa isibhongo somkhaya wakhe waseMpangeni, uMduduzi Mzimela, owaxetshulwa kabuhlu-ngu nguMahlangu ngomzuliswano wesihlanu eSABC Studios,
e-Auckland Park, ngonyaka odlule.

Previous articleBahlose ukugcina isiko ngengoma yamanyuvesi
Next articleIngebhe kudutshulwa inyanga esanda kugcwaba umngani wayo naye oyinyanga