Ingwadla emaphoyiseni aholelwa amakinati

405

SKHOSIPHI MTHEMBU noTHANDI ZONDI

IBHEKENE nengwadla inqwaba yamaphoyisa osekuphele unyaka esebenza ngokugcwele, kodwa esahola imali etholwa ngabasaqeqeshwa ekolishi, okueu-R4 500 ngenyanga. 

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi la maphoyisa agcwele eziteshini ezahlukene KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe. Ngokuthola kwaleli phephandaba, la maphoyisa asebenza ngisho nangamaholidi, kodwa angayitholi imihlomulo yalokho. Ngaphandle kwalokho, abhekene nenkinga yokungakhokhelwa imali yobungozi bomsebenzi (danger allowance). 

Amaphoyisa akhulume naleli phephandaba – kodwa angeke adalulwe ukuwavikela – aqinisekisile ukuthi ahola u-R4 500 ngenyanga. 

UNkz Ntabeleng Molefe ongunobhala wePopcru KwaZulu-Natal, uthe luyaziwa lolu daba futhi luyasetshezwa. “Sinalo nohlu lwamagama amaphoyisa abhekene nale nkinga. Udaba lusehhovisi elikhulu kuzwelonke, okuyilo elilusebenzayo kanti zikhona nezingxoxo nomqashi,” kusho yena

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe ngokwamarekhodi abo, wonke amaphoyisa aqashwe ngokugcwele athola imali ephelele. Ube esecela ukunikezwa imininingwane egcwele yamaphoyisa athintekayo ukuze bezolulandela udaba. 

Previous articleKuzolandwa abanye abasolwa kolwePhala Phala
Next articleAkaqali ukuthinteka kwelokubulala osolwa ekufeni kowe-IFP