Bayehluleka ukungcwaba owasocongwa eMthwalume
osekuphele unyaka isidumbu sikaSizakele Mnyende
(osesithombeni) singagcwatshiwe ngoba kulindwe
ulibofuzo. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
SKHOSIPHI MTHEMBU
ALUKAPHELI usizi lokugasela kukamalugaju wa-seMthwalume – owagcina ezibulalele esitokisini – ezinhliziyweni nasezingqondweni zomndeni wakwaMnyende,
eMthwalume, emuva konyaka izi-gameko zokubulawa kwabesifa-zane, izidumbu zabo ezazitholakala ezimobeni, zenzeka.
Lo mndeni usenkingeni njengoba ungakayingcwabi indodakazi yawo, okukholakala ukuthi nayo yasocongwa nguyena lo malugaju.
Imbangela yalokhu wukuthi na-manje usalinde imiphumela yolibofuzo olwahamba ngoNcwaba (August) nyakenye.
Kuzokhumbuleka ukuthi umalugaju, uMnu Mduduzi “Mafutha” Khomo, kwagcina kuvela ukuthi wazilengisa esitokisini eScottburgh, emuva kokuboshelwa amacala okubulawa kwalaba besifa-zane, okubalwa kubona uNkz Akhona Gumede, Nosipho Gumede – abatholwe ngoMbasa (April), uNkz Nelisiwe Dube, Nkz Baja Duma noNkz Sizakele Mnyende.
Umndeni kaNkz Mnyende owa-shona eneminyaka ewu-20 ubudala, namanje usalinde imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo njengoba isidumbu sakhe satholwa sesona-kele.
Yize lo mndeni uthi unesiqiniseko sokuthi yisidumbu sendodakazi yawo lesi esatholakala, wagcina uphoqeleka ukulinda imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye, ILANGA labika kabanzi nge-zigameko zokutholakala kwabantu besifazane bebulewe qede bapho-swa esimobeni eMthwalume.
UNkk Qhamukile Mnyende, ogane uninalume kamufi, utshele ILANGA ukuthi inzima impilo se-lokhu kwashona indodakazi, ika-khulukazi njengoba bengakwazi ukungcwaba isidumbu sayo ngenxa yenkinga yokungabuyi kwemiphumela.
Uthi ngisho emaphusheni iyafika kuyena, okwenza bakhathazeke kakhulu.
“Sinzima isimo lapha ekhaya selokhu kwashona uSizakele. Saya emakhazeni ngesikhathi kuthola-kala izidumbu, sakwazi ukubona ngezimpahla ayehambe ezigqokile ekhaya ukuthi ngesakhe isidumbu.
“Ngikhumbula ngoba ngaze ngabona nangezicathulo ayezifakile, ngisho usayizi waso ngiyawazi.
“Kasizange sivunyelwe ukubona ubuso ngoba isidumbu sasesona-kele, satshelwa ukuthi kuzotha-thwa ulibofuzo ukuze sibenesiqiniseko sokuthi nguye.
“Afika amaphoyisa ekhaya athatha igazi kumfowabo, satshelwa ukuthi masilinde. Njalo uma siya emaphoyiseni, sitshelwa ukuthi imiphumela kayikabuyi.
“Sagcina ukuya khona ngesonto eledlule, nakhona satshelwa oku-fanayo,” kusho yena.
Uthi abakufisayo nje wuku-ngcwaba ithambo labo ngoba bona bewumndeni banesiqiniseko sokuthi yiyona indodakazi yabo lena eyatholwa esimobeni.
Phambilini, uNgqongqoshe wa-maPhoyisa kuzwelonke, uMnu Bheki Cele waveza ukuthi kunokusilela ophikweni lokuhlolwa kolibofuzo okubambezela ukuphe-nywa kwamacala ahlobene no-dlame olubhekiswe kwabesifa-zane, ukubulala nokudlwengula.