ZAKHELE MCHUNU
UPHUMELE obala ngobuhlungu bokubona iKaizer Chiefs ingenzi kahle uJosta Dladla (osesithombeni) owazakhela igama egijima kule kilabhu. Ekhuluma nabezindaba kwiDerrick Spencer Schools Tournament ngoLwesihlanu, eShowe, uJosta uthe kubuhlungu ukuthi ikilabhu azalwa yenza kahle, seyishaya into ephansi.
Uthe njengoba iChiefs yehlelwe yifomu nje, kudingeka ukuba abalandeli bayo babe nesineke kumqeqeshi ozonikwa umsebenzi wokutakula lo mkhumbi. Uqhube ngokuthi unethemba lokuthi abaphathi beChiefs benza konke okusemandleni ukubuyisa udumo lwale kilabhu eyayingapheli isizini ingazange iyiqukule inkomishi. Nokho sekuphele amasizini awu-9 le kilabhu ishwiba izandla.
Ngesizini ephelile, iphoxe kakhulu njengoba yehluleke ngisho wukuqeda ikwi-top 8. UJosta uthi njengoba neMamelodi Sundowns ike yaba nesikhathi esibi semiphumela engemihle – ngaphambi kokufika kukaPitso Mosimane, owakwazi ukubuyisa izinsuku zenjabulo – unethemba lokuthi nakwiChiefs umqeqeshi ozofika uzokwazi ukuyibumba kahle.
Imidlalo kaSpencer yakulo nyaka isizwe nayimali enqotshwe yile ngwazi njengeLast Legend Standing ewu-R180 000 njengoba yatomula i-Orlando Pirates ukuthi yiyona ezonqoba iMTN 8 ngesikhathi kuqala isizini.
Nangempela iBucs yawuvikela lo mqhudelwano iguqisa iDowns kumaphenathi, emdlalweni owawuseThekwini.
.