Ingwazi yaseCameron ecaleni lesondlo

286

INTATHELI YELANGA

UMKHONTO ugwaze ekhaya kuSamuel Et’o waseCameroon, wodumo lokubhakuzisa inethi egijima kwiBarcelona yaseSpain, i-Inter Milan yase-Italy, iChelsea yase-England ne-Anzhi Makhachkala yaseRussia njengoba indodakazi yakhe imbophela isondlo. Ngokubika kweMail.Online, u-Et’o wathola indodakazi, u-Annie (21) ku-Anna Maria Barranca ngo-2002 – ngesikhathi esadlal e-Italy – kodwa washaya phansi ngonyawo ukuba yingxenye yempilo yayo. Emuva kwemiphumela yolibofuzo, eyenziwa ngo-2015, ijaji lathi – ngaphandle kwamathandabuzo – u-Et’o unguyise wale ngane. Lamphoqa ukuba akhangeze u-Anna imali yesondlo elinganiselwa ku-R175 380 ukuze acishe icala ayemvulele lona.


Kuvela ukuthi u-Annie uthi lo makadebona useqale phansi wangayingena eyokukhokha, usemmangalele ehhovisi labashushisi eliseMilan ngokwephula umyalelo wejaji – ngokubika kweGazzetta dello Sport via Marca yase-Italy. Emaphepheni afakwe ngu-Annie ehhovisi lomshushisi, uthi uyise akayingeni eyokuba kubaba enganeni yakhe, kwazise useke wazama ukuxhumana naye – kodwa lutho.
“U-Annie usondliwa futhi ufunda kude nakwabo, uphephela kunina kuphela naye ozipataniselayo. Kumanje ubheke nesimo esingesihle somqondo, esidalwa wukungabi khona kukayise empilweni yakhe nokutsheka kwesimo sakhe sezomnotho,” kusho amaphepha ka-Annie.
Kubikwa ukuthi sekufana nesiko ku-Et’o ukumangalelelwa isondlo. Ngo-2018, uke wamangalelwa ngodaba olufanayo nguMaria Angeles Pineda, efuna isondlo esilinganiselwa ku-R289 490 (ngenyanga).

NGENHLA: Ngu-Annie nonina, u-Anna kanti ngezansi nguSamuel Et’o esagijima kwiBarcelona.

Previous articleIzinkabi ziqedele usomatekisi kwi-ambulensi ephuthunyiswa esibhedlela
Next articleUKhisimusi omnyama kushona abawu-5