UNeville akayizwa eyokubuyiselwa enkundleni kwemidlalo
isabhubhisa e-Europe.
ISITHOMBE NGABE: ZIMBIO.COM
USHAYA amakhala ngokubuya kwemidlalo uGary Neville oyingwazi yeManchester United egijima kwi-English Premiership.
I-Uefa inqumele wonke amaligi ase-Europe ukuba kushaye umhla ka-25 kuNhlaba (May) eseyinikezile uhlu lwezindlela azozisebenzisa ukuqalisa imidlalo. Imidlalo eminingi imisiwe ngenxa ye-Covid 19 esidlule nenqwaba yemiphefumulo emhlabeni.
Kukhona abaphakamisa ukuthi imidlalo kumele ibuyele ensimini kodwa zingabi bikho izihlwele.
Kwezinye izindawo imidlalo ya-kule sizini isikhanseliwe yathathwa njengento engekho njengase-Argentina. UMichel D’Hooghe onguSihlalo wekomidi lezempilo kwiFIfa, uphakamisa ukuthi imidlalo okungenani iqale mhla ka-1 kuMandulo (September) kophezulu.
Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesibili uNdunankulu waseFrance umemezele ukuthi ezemidlalo ngeke zisingathwe kuze kube nguMandulo. Lokhu-ke kuchaza ukuthi imidlalo yeLigue 1 neyeLigue 2 ngeke idlalwe nhlobo okwamanje.
UNeville uthi bayagagamela labo abathi imidlalo ye-English Premiership kumele ibuyiselwe ensimini.
“Kumele siqikelele kakhulu nxa sithatha izinqumo. Akumele siphushwe yisimo somnotho kuphela. Kubalulekile ukuthi sibeke phambili impilo. Imidlalo imisiwe ngenxa yeCovid 19. Sesiphelile yini lesi sifo njengoba sekuthiwa imidlalo kayiqale?
“Iqiniso lithi lesi sifo sisaqhubeka nokubhubhisa. Kuzofana nokuthi bekuchithwa isikhathi ngokumiswa kwemidlalo nxa ibuyiselwa manje ekubeni lesi sifo sisekhona.
“Abadlali ngiyazi bayafuna ukubuyela enkundleni ngoba balahlekelwa yimali, kanti namakilabhu aseshayeke kakhulu kwezomnotho.
“Cishe kunabadlali ababalelwa ku-1400 abazophelelwa yizinkontileka namakilabhu abo ezinyangeni ezimbalwa kusuka manje.
“Bajahe ukuthi isizini isongwe ukuze bakwazi ukuqala impilo kabusha namakilabhu amasha.
“Yize kunjalo kodwa kumqoka ukuthi singavumeli lesi sifo ukuba sichachaze. Imidlalo izophinde imiswe yini nxa kukhona umdlali osehlatshwe yilesi sifo?
“Sizothini nxa abadlali sebethelelana ngalesi sifo sekuphoqa ukuthi bagcwale izibhedlela? Mina ngibona kungcono kulalelwe ikomidi lezempilo leFifa eliphakamisa ukuthi imidlalo ithi ukuma kancane,” kusho uNeville oyeke ukudlala ibhola ngo-2011 egijima kwiRed Devils.
UNeville uke walolonga iValencia yaseSpain, kanti ubengumsizi womqeqeshi eqenjini lesizwe lase-England futhi ubengumsakazi kanobhutshuzwayo kwiSky Sports.