MTHOBISI SITHOLE
KUSOLWA ingxabano yomzali nothishanhloko ngomfundi okuthiwa uphuze ushevu ezama ukuzibulala, ekhala ngokuhlukumezeka esikoleni ngenxa yale ngxabano.
Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, uSamkelo Sibiya waseSilova, KwaMbonambi, ofunda uGrade (11), KwaMbonambi Secondary School, uphuze umuthi ngoLwesibili, okumanje usesi-bhedlela, isimo sibucayi. Kubikwa ukuthi ubhalele umzali wakhe umyalezo ngaphambi kokuphuza umuthi. Kulo mbhalo eliwubonile phephandaba, lo mfundi uthi wayeshilo ukuthi akasafuni ukufunda kulesi sikole ngoba uthishanhloko akamphethe kahle. Uveza nokuthi ngoMandulo (September), uthishanhloko ubize umhlangano wabazali, wabatshela ukuthi yena (umfundi) ugolozela othisha, uwuhlupho.
Umzali kaSamkelo, uNkz Buzani Dlamini, uthi uxabane nothishanhloko kubangwa indawo yokudayisela ngaphakathi esikoleni. Utshele leli phephandaba ukuthi kunesitolo emagcekeni esikoleni, obekuthiwa makaphume kusona ukuze kuzongena isikhulu thizeni sepolitiki, esifuna ukudayisa. Uthe ukunqaba kwakhe kuxove ubudlelwano bakhe nothishanhloko, kwaze kuchaphazeleka nengane yakhe.
“Bengivolontiya, ngihlanza isikole iminyaka emithathu. Ithuba lokusebenza bengilinikwe nguthishanhloko osethathe umhlalaphansi, ngibongwa ngomsebenzi ebengiwenza ngingaholi,” kusho uNkz Dlamini.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bazojuba ithimba lezemfundo liphenye ngesigameko.
mthobisis@ilanganews.co.za