Inhlanzeko ibukwa ngezindlela ezingafani esilungwini nasezindaweni zasemakhaya

    281

    SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI

    UKUHLANZEKA kusho izinto ezahlukene ebantwini basezindaweni zasemakhaya nabasesilungwini, abafundisiwe nabangayanga esikoleni.

    Ezindaweni zasemakhaya ukufaka umunwe ekhaleni – ukopolote okukuncinzayo ngaphakathi – yinto engathi shu, kanti esilungwini ubukwa ngeso lokunyanya sengathi uzimoshele.

    Kunezinsizwa ezakhayo kwami kanti zijwayele ukuphatha amagwinya ekuseni, eziwadla zisebenza. Izandla kazigezwa, kumane kudliwe nje sengathi zihlanjwe ngamadlozi.

    Noma sekudliwa isidlo sasemini, zimane zingene ephalishini kungabi ndaba zalutho. Bengizobaxolela uma amanzi abengekho – nginompompi abathathu egcekeni – kodwa kazisondeli kubo ngaphandle nje uma zi-vulela amanzi okuxova usimende. Ziyaphana zinjalo nje, kazinamona. 

    Sezike zangibiza ukuthi ngibambe iqatha ngoba phela akwedlulwa ngendlu yakhiwa. Njalo ngizitshela ukuthi ngidle ngivuka, ngakho ngisuthi.

    NgoMsombuluko ngizwe ngiwahalela amagwinya. Zithe uma zifika ngathi ngizocela elilodwa zingakazivuli lezi zikhwanyana zeplastiki asongwe ngazo. Lo feleba obewaphethe ubesedla elinye, eguduza imbobo yekhala ngomunwe wokukhomba ebe elibambe ngale eminye iminwe nesithupha. 

    Uxoxa ende indaba, lapho futhi akanandaba, ungibheke emehlweni. Kwamane kwaphela ngisho lokho kuhala kimi. Laba abanye bavele bamcela kulowo mnyama, wabanika. Badla nje futhi sengathi kabambonanga eqhwanda ikhala sengathi uzama ukufinyelela ebuchosheni ngomunwe. Ngisole sengathi bekubaba bona ukuchopho ngoba phela umunwe ubungene ngobude bawo, kusele ilungu eli-lodwa ngaphandle.

    Lokhu kungikhumbuze ngisakhula. Izalukazi zazichama eceleni kwendlela zimile, ngoba amadolo engasavumi, zithi uma ziqeda bese zesula lona owehle ngemilenze ngezandla, ziqede lapho zihlephulele abazukulu isinkwa noma ikhekhe, ngazo lezo zandla zingahlanziwe. Babedla futhi abazukulu ngoba phela kuthiwa akwaziwa okwanonisa ingulube.

    Nezinsizwa namakhehla, kwakuthi uma kudliwa inyama, kuzungezwe isithebe, ubone umuntu ephenguka avale imbobo yekhala eyodwa bese edubula amafinyila ngalena enye, ubone nje ukuthi uma be-kungadlula inyoni ibingafa fi. Athi uma eqeda, ahlikihle izandla bese ebamba iqatha adle. Uma kwenzekile kwathi amanye amafinyila anamathela esandleni kulokho kudubula kwakhe, avele asulele ebhulukweni, abuyele esithebeni. 

    Noma iwe phansi inyama yayingalahlwa. Yayicoshwa bese iyathintithwa, kuthiwe iwe ngoboya.

    NgoLwesibili ngihambe ngayothola lo mama owathengisayo amagwinya ngithi ngizozithengela isijumbana nje ngidle netiye. Uma ngifika kuye, ngimthole ewacaphuna nje ngezandla engagqokanga amagilavu eplastiki, abuye asule nomjuluko ngemuva lesandla. Bekungekho ngisho indishi yamanzi yokuthi ahlambe izandla. Ngamane ngadlula.

    Esilungwini akekho obezothenga, kanti abanye bebezombuza ukuthi aphi amagilavu njengoba umthetho owengamela ukuthengiswa kokudla okuphekiwe usho. Uma uthengisa ukudla okuphekiwe kudi-ngeka ugqoke isigqoko esemboza izinwele ukuze zingaweli ekudleni.

    Ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini kayikho leyo nto, abantu bayathenga nje noma usho ngodukathole wehlathi lesihluthu. Ungagcina uzithola usumile intshebe esiswini.

    Kufana nalaba abangena endlini yangasese bese umuntu ephuma ahambe edlula obheseni bokuwasha izandla sengathi bahlobisile. Yingakho mina ngingasabaxhawuli abantu. Ngimane ngenze le nto intsha ebizwa nge-ka, kuthintwana ngamaqupha njengamaRasta uma ebingelelana noma enikana intshokovane. Nalapho ngisula imuva lesandla sami ngesanithayiza engingahlukani nayo yize ukhuvethe selwadlula. 

    Previous articleMcDONALD’S SCHOOLS GARDEN PROJECT
    Next articleBasola umnyango ngokubabambisa udwadwa ngebhuloho eliyingozi