inhlawulo ka-R1000 ku-Stella ndabeni

861

INTATHELI YELANGA

UNGQONGQOSHE wezokuXhumana, nezamaPosi, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams (osesithombeni) ukhokhe inhlawulo ka-R1000 wokuvuma icala lokwephula umthetho wokugonqa ngoLwesibili.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNkk Ndabeni-Abrahams ubhekene necala lokuphula umthetho wesimo senhlekelele, obekwe ngemuva kokuhlasela kweCovid-19 kuleli nga-sekupheleni kwenyanga edlule. 

Kulindeleke ukuba avele enkantolo yesifunda ePretoria ngenyanga ezayo.

UNkk Ndabeni-Abrahams ungene obi-shini ngemuva kokusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana evakashele emzini kaMnu Mduduzi Manana. 

Lokhu kumfake enkingeni enkulu, kwazise uMnu Cyril Ramaphosa, ongumengameli wezwe, ubesanda kuvala izwe futhi abaningi bebebheke kubona abaholi ukuthi babe yisibonelo ngokungabi wuvanzi emphakathini. 

Ngemuva kokubonakala kwalesi sithombe, uMnu Ramaphosa wammisa lo ngqongqoshe emsebenzini izinyanga ezimbili, eyodwa yazo ngeke ayiholele. 

Ngokusho kukaPhindi Mjonondwane woKlebe, ungqongqoshe uzivumele yena icala phambi kweMantshi wabe esekhokhi-swa u-R1000. 

Uphinde wavuma ukuthi usenerekhodi eliveza ukuthi useke walahlwa ngamacala (criminal record)

“Uphenyo luveze ukuthi ungqongqoshe wayengavakashile, kepha wayeye emzini kaManana ngoba kukhona izinto ayeyozilanda eziwusizo ekulweni neCovid-19,” kusho uMjonondwane.

UNgqongqoshe wa-maPhoyisa, uMnu Bheki Cele, waveza ukuthi uMnu Ramaphosa uthe abomthetho kumele kube yibo abalandelelela udaba lu-kaNkk Ndabeni-Abrahams.

Previous articlebabalisa ngokungaholi abashayeli bamabhasi
Next articleKubulawe abashadile phambi kwemindeni nezingane