NONHLAKANIPHO SHINGA
INHLEKELELE edalwe wumlilo ezindaweni ezingaphansi kukuMasipala waseMlalazi nowaseNkandla yenze uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, waphakamisa ukuba kubuyekezwe indlela uhulumeni owaba ngayo imali, ikakhulukazi komasipala abancane, abasezindaweni zasemakhaya.
Lokhu ukusho ngoLwesine ngesikhathi ehambele izindawo ezehlukene lapho kubekhona umlilo oshiye imindeni eminingi isele dengwane eMlalazi naseNkandla.
Lo mlilo – oqubuke ngenxa yomoya onamandla – ucekele phansi imizi ewu-196, wadlula nemiphefumulo emibili, kwalimala abantu abathathu. Babalelwa ku-751 abantu abakhahlanyezwe yilo mlilo.
UButhelezi ubehambisana neMeya yaseMlalazi, uNkk Queen Xulu, ubuholi bakuMasipala waseNkandla nethimba lezimo eziphuthumayo. Uhambele umndeni wakwaGazu, lapho kufe khona umnumzane wakhona, ngemuva kokuhilwa yintuthu, wagcina engakwazanga ukuphuma endlini, yasha naye. Uthe lo mndeni uzokwakhelwa indlu eyisibambiso.
Ukhale ngokuthi omasipala abancane bathwala kanzima uma kwenzeka izigameko ezifana nalesi, ezisuke zidinga imali. “Sizimisele ngokucela ukuba kubuyekezwe isabelomali somasipala abancane, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya njengoba sibhekene nesimo sokushintshashintsha kwesimo sezulu,” kusho uButhelezi.
Nabalimi kabasalanga kule nhlekelele njengoba kuke kwasabalala izithombe zemfuyo eshile ezinkundleni zokuxhumana. Kuvela ukuthi kunezindawo zokudla imfuyo ezingama-hector awu-3 000 ezishile.
www.ilanganews.co.za