Inhlokomo kubuya uNozi we-Idols SA

438

Uzonandisa okokuqala eThekwini kwiCrown Gospel Awards

BEBEPHUME ngendlu abalandeli bakaNozi Sibiya olale isibili kwi-Idols SA, bemhlangabezile njengoba bekungokokuqala egoduka selokhu wahamba ezinyangeni ezintathu ezedlule eye
kulo mncintiswano

LUCKY CAIN
KUME yonke into kwachwaza omakhelwane nezinkumbi zabantu kwaP, eMlazi, eThekwini ngesikhathi uNozi Sibiya, olale isibili emncintiswaneni we-Idols SA, etheleka okokuqala ngemuva kwezinyanga ezintathu wahamba kuleli lokishi. UNozi wamukelwe njengeqhawekazi njengoba ehlangatshezwe wuhide lwezimoto, ezinye ebezisuka naye esikhumulweni sezindiza eKing Shaka International, zimpongoloza zishaya ama-hoot, ezinye zidlala ingoma yakhe ayiqophe neKalawa Jazmee ethi “Idlozi”. Le ntokazi ibe ngumnqobi kwabaningi, nakuba ilale isibili kulo mncintiswano okhonjiswa esiteshini sikamabonakude, uMzansi Magic.


Kunqobe uThapelo Molomo waseLimpopo. Ekhuluma neLANGA uNozi, uthe usekulungele ukungena ngokugcwele kwezomculo njengoba ukuba kulo mncintiswano kumfundise okuningi azimisele ngokukusebenzisa kuya phambili. “Bengazi ukuthi ngingowesifazane onamandla, kodwa bengingazi ukuthi ngingakwazi ukumelana nezingqinamba engibhekane nazo ngesikhathi ngikulo mncintiswano,” kusho uNozi. Uthi ezinye zezingqinamba abhekane nazo, zimkhulisile kakhulu futhi nokuzethemba kwanyuka ngendlela eyisimanga. “Ngizizwa ngijabule ngendlela eyisimanga ngebanga engilihambile kulo mncintiswano. “Ngibonga kubo bonke abangesekile kusukela ngenza inhlolokhono yami yokuqala kuwona, kuze kube ngifinyelela kowamanqamu.

Lokhu kusho lukhulu kimina nasemndenini wami. Ngiyabonga,” kusho uNozi. Uthe njengoba sekuphelile ngalo mncintiswano, kuningi azimisele ngokukwenza, okuhambisana nalo mkhakha, ngaphandle nje komculo. “Nakuba umculo uzobe uhamba phambili, kodwa akukho engizozivalela ngaphandle kukhona njengoba ngivulelekile ukuthatha noma yimuphi umsebenzi ohambisana nalo mkhakha,” kusho uNozi. Uthe noma ngabe kuqhamuka umsebenzi wokulingisa noma owokuba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude nasemsakazweni, ngeke aliyeke lelo thuba. “Emculweni ngeke ngigxile ohlotsheni olulodwa ngoba inhloso ngomculo wami wukwelapha imiphefumulo, ngakho akuwona umculo we-gospel kuphela owelapha umphefumulo,” kusho le ntokazi.

ILANGA lithole ukuthi uNozi uzonandisa okokuqala eThekwini emcimbini weSABC Crown Gospel Awards, ozoba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngomhla ka-27 kwephezulu. Kulo mcimbi uzonandisa ndawonye nembangi yakhe, uThapelo. Lokhu kuqinisekiswa ngum Mengameli weGospel Powerhouse ehlela lo mcimbi, uNkk Zanele Mbokazi Nkambule. UNkk Mbokazi Nkambule uthe izinhlelo ngalo mcimbi, ozobe wenzeka okwesi-15 nonyaka, ziyaqhubeka. Lo mcimbi uhlanganisa izinkumbi zabaculi be-gospel, osaziwayo nabalandeli balolu hlobo lomculo.

Previous articleI-PSL ayeneme ngama-agent neSafpu
Next articleIYAQINA EYOKUPHAZANYISWA KOBUFAKAZI