SENZO SOKHELA
KUVELA ukuthi inhlonipho nokuzinikela ukulwela ibheji le-Orlando Pirates yisona isizathu esenze uSihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin “Iron Duke” Khoza waphendlela uSiyabonga Mpontshane (38) (osesithombeni) umsebenzi. Inkontileka kaMpontshane neBucs iphele mhla ka-30 kuNhlangulana (June) kulo nyaka. Ubesehlale iminyaka ebheke eshumini engunozinti wale kilabhu.
Leli phephandaba lithole ukuthi uKhoza unqume ukuba lo mdlali odabuka eNgwavuma, KwaZulu-Natal, aphendlelwe
umsebenzi ngaphakathi. “Into yokuqala eyenze ukuba uKhoza amphendlele umsebenzi ngaphakathi yinhlonipho yakhe nendlela ayimele ngobuqotho ngayo le kilabhu selokhu eyijoyine ngo-2015. UMpontshane ubengadlaliswa njalo, kodwa akakaze akhononde, acele ukwebolekiswa kumbe ukudedelwa, kunalokho ubekhuthaza unozinti ovimbayo ngaleso sikhathi, okuyinto uKhoza abeyibuka. Akakaze abhalwe ngabezindaba ngezinto ezibhedayo. Usesebenza esikimini esikhulu seBucs, welekelela umqeqeshi wonozinti, uTyron Damons. Uzobuye asize nasenkulisa yekilabhu,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa.
senzos@ilanganews.co.za