Inhloso “yeMaritzburg United” ngabalandeli

248

MFANAFUTHI NDLOVU

IHLOSE ukuheha abalandeli ngebhola elinamagoli amaningi iDurban City FC ezovovana inkani neCasric Stars kowokuvula isizini yeMotsepe Foundation Championship (MFC) namuhla ngoLwesihlanu ngo-19h30 eChatsworth Stadium, eThekwini. Le kilabhu ngesizini edlule beyaziwa ngeleMaritzburg United kodwa yanquma ukuliduba yafudukela eThekwini, ikhala ngokulaxazwa okwenyongo
yenyathi wuMasipala uMsunduzi. 

Lo masipala uqome ukuxhasa iRoyal AM ngoba iMaritzburg ingasekho esigabeni esikhulu, okwenze yayidlalela eThekwini imidlalo yayo yasekhaya yeMFC yangesizini edlule.

ICity izokuya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali bayo abathole amadlelo aluhlaza – u-Andiswa Sithole othathwe ngamaZulu FC FC noReagan van der Ross okhonjwa kwiMagesi FC esanda kwenyukela kwiBetway Premiership.

Simo Dladla, coach of Richards Bay during the GladAfrica Championship 2020/21 match between Jomo Cosmos and Richards Bay at Tsakane Stadium in Ekurhuleni on the 16 May 2021 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

USimo “Govuza” Dladla (osesithombeni) ongumlolongi weDurban City, utshele ILANGA ukuthi bazobhekana nekilabhu enzima, okungamele bayithathe kalula. Uthe izitha zinabadlali abahle njengoba zigabe nangoDecide Chauke oqobele enethini amagoli awu-14 ngesizini edlule. Uveze ukuthi sebemsayinisile uRuzaigh Gamieldien, ongumgadli, yize
esadinga ukupholishwa njengoba engekho qatha ngokwanele.

ICasric igabe nangoYugen Sasman owake wayibamba kwiKaizer Chiefs.

* Isiyonke imidlalo yokuvula isizini ka-2024/25 yeMFC imi kanje:

NAMUHLA NGOLWESIHLANU

EChatsworth Stadium: Durban City vs Casric Stars 19h30.

ENelson Mandela Campus: Highbury FC vs Black Leopards 15h00.

NGOMGQIBELO

ESuzuki Stadium: Hungry Lions vs Kruger United 15h00.

EGiant Stadium: JDR Stars vs Upington City 15h00.

EThohoyandou Stadium: Venda FC vs Milford FC 15h00.

ELucas Moripe: Leruma United vs Pretoria Callies 15h00.

NGESONTO

EGlobal Stadium: Baroka FC vs Orbit College 15h00.

ETuks Stadium: University of Pretoria vs Cape Town Spurs 15h00.

Previous articleOwodumo kwiWits ushaye ingwiji ebuyela ebholeni
Next articleInjabulo iTheku liqokwa eminxeni ewu-8 kowomhlaba