INingizimu Afrika ingase imiswe kwezemidlalo

416

MZWAMANDLA ZONDI

INGASE ibhekane nengwadla yokumiswa kwezemidlalo iNingizimu Afrika njengoba isolwa ngokungayilandeli imigomo yokuhlola abadlali, ngokusho kweWorld Anti-Doping Agency (Wada).

Udaba lokungayilandeli imigomo yokuhlola abadlali kwelakuleli, iqale ukusabalala ngenyanga edlule lapho iqembu lakuleli labagijimi ebelise-Europe, ligijime ifulegi lakuleli libekwe phansi. 

Lolu daba luze lwangenelelwa nguNgqongqoshe wezeMidlalo, uZizi Kodwa (osesithombeni), ocele iSouth Africa Institute for Drug-Free Sport (Saids) – okuyinhlangano ehlola abadlali kuleli – ukuba iluphonsele inselelo. 

Isicelo seNingizimu Afrika sigcine silalelwe njengoba izolo liphephezelisiwe ifulegi lakuleli ngesikhathi iProteas – okuyiqembu lakuleli lekhilikithi – idudulana ne-Australia koweNdebe
yoMhlaba eqhubeka e-India.

Nakwi-quarter final yeNdebe yoMhlaba yombhoxo, ozogijinywa ngamaBhokobhoko neFrance ngeSonto ngo-9 ebusuku – khona belu eFrance – lizophephezeliswa ifulegi lakuleli. 

I-Wada ikuqinisekisile ukuthi iyitholile incwadi ephuma kwiSaids, ephikisa izinsolo
zokungayilandeli imigudu efanele yokuhlola abadlali kuleli.

Ithe ilinde isinqumo seCourt of Arbitration for Sport (Cas) bese ithatha isinqumo
ngeNingizimu Afrika. 

Kuthiwa okwamanje amaqembu akuleli angakwazi ukuqhubeka adlale imidlalo yomhlaba ngokukhululeka njengoba kusalindwe isinqumo seCas. 

Previous articleIntshokovane ikwenza ubone izinto ezingekho
Next articleUzogadla ngomakadebona uThabo Bester