Abafundi kabayikhohlwa inkinga ebavelele ephepheni leMaths.
IZWAKALISE injabulo ingxenye yabafundi bakaMatikuletsheniiqeda ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka izolo ngoLwesithathu njengoba ithe ngaphandle kwezinkinga ezivele ephepheni lokuqala leMaths, kalikho elinye eliyinike inkinga. Laba bafundi bavale izivivinyo zabo ngephepha lokugcina le-English nakuba kunengcosana esele, ezoqeda ngoLwesibili ngephepha leDramatic Arts ekuseni ne Agricultural Technology ntambama. ULulama Mntambo waseQhilika High School, eMlazi uthe amaphepha abawabhalile abaphathe kahle kakhulu futhi banethemba lokuthi bazophasa kahle.
“Indlela okusethwe ngayo wonke amaphepha esiwabhalile, isithokozisile, ngaphandle kwelezibalo lokuqala elalinenkinga, nelesibili kwakunenkinga eyasihlula ukuyixazulula. “Sijabule kakhulu ngokuqeda kahle izivivinyo zethu,” kusho uLulama. Bekulilizelwa ngaphandle kwesikole abafundi behlangene, sebevalelisana okokugcina ngokubahlanganise nalesi sikole. USnothile Kubheka waseMenzi High, eMlazi, utshele ILANGA ukuthi bazozidlela amahlanga emuphumeleni kamatikuletsheni. Uthe lezi zivivinyo zifike bezilungiselele ngokwanele.
“Sijabule ngathi siyaphupha ngokuqeda isikole. “Kasingabazi ukuthi esikubhalile kuzothela izithelo ezinhle ekupheleni konyaka,” kusho yena. Wesekwe nguzakwabo, uNjabulo Joyisa, oveze ukuthi ukuqhudelana ngokuphasa ngeBachelor yiyona nselelo abebezibekele yona eMenzi High. Uthe zonke izigaba zokuhlolwa enyakeni, ubuvezwa obala phambi kwabanye abafundi uma ungaphasanga kahle. IMenzi High ibalwa nezikole ezenza kahle KwaZulu-Natal. Odabeni lokukhala kwabafundi ngeMaths, uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthe uzokwenza ubulungiswa uma sekumakwa amaphepha.
Uthe kuzoncishiswa amaphuzu ephepha lonke, kuhoxiswe amaphuzu ombuzo onikeze abafundi inkinga. Bawu-755 981 abafundi ababhale English kuzwelonke. Ababhale ngezikhathi ezikhethekile (part time) bawu-167 479. Abazomaka amaphepha kulo nyaka bawu-52 811, okuyisibalo esinyuke ngo-11 215 sisuka 41 596 wanyakenye. KwaZulu-Natal bawu-174 413 abafundi bakaMatikuletsheni ababhale ngokugcwele (full time), bawu-23 730 ababhale ngezikhathi ezithile (part time) kwamanye amaphepha. Izikhungo zikahulumeni okubhalelwe kuzona ziwu-1711 Kwa- Zulu-Natal. Kulezi zikhungo, ziwu- 62 ezizimele.
Umnyango wezemfundo kulesi sifundazwe uthe njengoba nyakenye imiphumela yehle ngo-0.8% ngenxa yokubheduka kweCovid-19, kulo nyaka ulwa ngokusemandleni ukuthi inyuke. Imiphumela kamatikuletsheni izophuma mhla ka-21 kuMasingana (January) ngonyaka ozayo. Phakathi kwezikole okulindeleke ukuba ziphakamise igama leKwa-Zulu-Natal, kubalwa iMenzi, iVelabahleke
- zombili okungezaseMlazi
- neBizimali Hgh Shool okuyisikole
saseNkandla, esihlale senza
kahle. Lesi sikole saqala ukugqama ngokwenza kahle singenawo ngisho ugesi. Kusuka izingane zakwezinye izindawo ziyofuna imfundo kusona, ngisho nezasemalokishini imbala.
mthobisis@ilanganews.co.za