Injabulo enqoba kuma-Idols

322

LUCKY CAIN

UMUKE nentokazi yaseMpumalanga uZama Khumalo umklomelo we-Idols SA 2020 njengoba bekungowamanqamu izolo ngeSonto. 

ULANDELE ezinyathelweni zeqhawekazi lakhe uZama Khumalo (18) waseMalahleni, eMpumalanga, enqoba umncintiswano we-Idols SA izolo ngeSonto eState Theatre, ePretoria. 

UZama uhluleke wukuzibamba wasikhihla ngesikhathi emenyezelwa njengonqobile kulo mncintiswano. 

Le ntokazi inqobe lo mncintiswano isibhekene noLungisani “Mr Music” Mthethwa (21) waseMpangeni. 

Ngesikhathi uZama eqala ukwenza inhlolokhono eGoli, waveza ukuthi ubukela kuPaxton naye owanqoba lo mncintiswano. 

Akubanga wuhambo olulula kuZama njengoba kunabanye abebemgxeka ezinkundleni zokuxhumana, okuyinto agcine eyinqobile njengoba iphimbo lakhe belihlanyisa amajaji nezihlwele kulo mncintiswano. 

UZama noMr Music bakhiphe izingoma zabo ngeledlule, ezenze kahle ezinkundleni zokuthengwa komculo. 

Ingoma kaMr Music ethi, “Ngikhethe Kahle” ifinyelele kunombolo 2 kwathi ekaZama ethi, “Ndizobizwa” yaba ngunombolo 3 kulezi zinkundla zokudayiswa komculo. 

Lezi zingoma ziphume ngaphansi kwesitebele sodumo iKalawa Jazmee, esanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana nabe-Idols SA. 

Kuleli sonto abalelwa ku-29 million amavoti angenile kuvotelwa bobabili uMr Music noZama ngokusho kukaProverb ongumethuli futhi ongomunye wophrojusa balo mncintiswano. 

Izolo abaculi abehlukene basine badedelana esiteji se-Idols, phakathi kwabo bekukhona uNomcebo Zikode, u-Ami Faku, uCassper Nyovest, uBusiswa noKamo Mphela. 

Khona manjalo, uProverb umemezele ukuthi ngenxa ye-Coronavirus ukungenelwa kwalo mncintiswano kuzokwenzeka online, ngeke besabakhona olayini njengoba bekwenzeka phambilini lapho bekubuthana izinkumbi zabantu ziyokwenza inhlolokhono. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleULorch uphumele obala ngezinkinga
Next articleUshise isoka nendlu engafuni ukwaliwa