Injabulo eSilweni kuqanjwa umkhumbi ngeLembe

357

JOHN HLONGWA

KUPHUPHUME injabulo eSilweni samaZulu uMisuzulu kaZwelithini ngoLwesihlanu eMtateni, eThekwini ngesikhathi kuhlonishwa iSilo
uShaka kaSenzangakhona, iLembe, ngokuthi kuqanjwe ngaye umkhumbi oqapha olwandle. 

Kulo mcimbi bekuhlangene izikhulu zamasosha asolwandle (SA Navy) zizokwethula lo mkhumbi obizwa ngeSAS King Shaka Zulu,
owakhiwe yinkampani iDamen, yaseCapeTown. 

Sethula inkulumo kulo mcimbi, iSilo sithe: “Namhlanje wusuku olubalulekile emlandweni njengoba kungokokuqala ngqa
ukuthi kuqanjwe umkhumbi ngoShaka. 

“Umoya wamabutho ayeyibambe neNkosi uShaka, unathi ngalolu suku, namasosha uqobo. 

“Kulesi sizwe samaZulu silokhu sibona umlando wenzeka – sinendawo ebizwa ngeShaka’s Kraal, sinesikhumulo sezindiza iKing Shaka International Airport. 

“Yonke into ethinta igama likaShaka idume umhlaba wonke. Ngifisa igama lakhe lingapheli, likhule ligijime phezu kwamanzi. 

“Ngifisa ukuba uNkulunkulu awuvikele lo mkhumbi.”

Kuvele ukuthi lo mkhumbi udle imali elinganiselwa ku-R2.5 billion

Umphathi wamasosha asolwandle, uVice Admiral Monde Lobese, ubonge ababeyingxenye yokwakhiwa kwalo mkhumbi neDamen, ngokuwuqeda ngesikhathi.  

hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleIsililo ngengane (6) edephunwe ngama-pit bull akwamakhelwane yashona
Next articleUNGAPHUTHELWA YILANGA KUSASA (30 October 2023)