Injabulo i-Unesco ihlonza iSibhudu noHlange njengamafagugu omhlaba

215

BHEKI NDLOVANA 

KUPHUPHUMA injabulo kuNgqongqoshe wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-   Natal, uMnu Mntomuhle Khawula (osesithombeni), ngokwenziwa kwemigede yaseSibhudu eNdwedwe noHlange, KwaZulu-Natal, amafagugu asezingeni lomhlaba (World Heritage Sites). Ekhuluma neLANGA mayelana nesinqumo se-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (Unesco), sokuthi iSibhudu noHlange sekuyizindawo ezingamafagugu, uKhawula uthe: “Sijabule kakhulu. Undunankulu (wesifundazwe uMnu Thami Ntuli) usazokwenza izimemezelo ezifanele. “Kodwa khona maduzane nje, sizoya khona eSibhudu nasoHlange. Sizobona ukuthi sihlela kanjani ukuthi sibe nomcimbi osezingeni lesifundazwe lapho undunankulu ezomemezela khona.” 

Ugcizelele ukuthi kumqoka ukugcinwa komlando namagugu ukuze nezizukulwane ezizayo zazi ngokwakwenzeka endulo. 

“Sizoyigqugquzela nemiphakathi yethu ukuba ikubone ukubaluleka kwaleli gugu elikuyona, kodwa esekungelomhlaba wonke,” esho. 

Uthi ukuphathwa nokuvikelwa kwemigede yaseSibhudu noHlange akusekho nje kuphela ezandleni zesifundazwe, sekusezingeni likahulumeni kazwelonke nakwi-Unesco.

Ngokusho kwakhe uKhawula, imiphakathi isuke ingabi nakho ukuqonda ngamafagugu athinta izinto eziqoshwe phansi. Uthi izinto ezitholakale eSibhudu, zithinta kakhulukazi ucwaningo lwasemanyuvesi. Uqhuba athi ucwaningo olwenziwe eSibhudu lubheka kuze kuyofika eminyakeni ewu-100  000 edlule, ukuthi abantu ababehlala kule ndawo ngaleyo minyaka cishe babephila kanjani. “Yize lolo cwaningo olwenziwa ngamanyuvesi kuyiyona into esuke ihamba phambili kulezi zindawo, kodwa ezokuvakasha namathuba omnotho nakho
kuyalandela,” kusho uKhawula. 

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleENingizimu Afrika siyizithuphethu egameni lobuntu
Next articleUbuyele “ekhaya” uJack Mabaso