Injabulo koweChiefs ebuyelwa yifomu

637

UDolly uzimisele ngokubona le kilabhu ibuyelwa yisithunzi

SENZO SOKHELA

UMDLALI weKaizer Chiefs, uKeagan Dolly.

UMDLALI weKaizer Chiefs ongaconsi phansi kubathandi bale kilabhu kulezi zinsuku, uKeagan Dolly uzwakalise ukuthi ngeke akujahe ukubatshazwa ngoba uyasazi isimo aphuma kusona eFrance.

IChiefs imemezele ukuthi ibambe ufishi omkhulu isayinisa uDolly obesehlale iminyaka eFrance.

Nokho ufike kuleli isimo sakhe sithusa njengoba ubezimukile emzimbeni.

Nakuba esebukeka esengcono kodwa lo mdlali uthi akafuni ukuzijaha ngoba uyazi lapho eqhamuka khona.

Ushaye ingcwenga yebhola iChiefs ihlula iBaroka FC ngo-2-1 koweligi. Uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Ngithatha usuku nosuku ngoba ngiyazi ukuthi ngisuka kuphi. Kangifuni ukujaha ukufinyelela esicongweni kodwa ngiyazi ngizogcina ngifikile ezingeni lami.

“Ngisadlale imidlalo emibili kodwa inhlansi yethemba ikhona. Ngifuna ukulokhu ngikhula nje kahle ukuze ngiyilekelele ikilabhu.

“Vele inhloso yami wukuzosiza ikilabhu ibuyelwe yisithunzi ebiyaziwa ngaso.

“Ngokuhamba kwesikhathi ngizoba qatha kahle,” kusho uDolly.

Uthi kumjabulisile ukuqala umdlalo weBaroka ngoba kuningi okuhle akubonile nge-Chiefs.

“Bekungumdlalo wami wokuqala, ngiqala esikimini futhi ngizizwe ngijabulile ukuba nozakwethu ensimini siphinde sibuye namaphuzu amathathu.

“Kuyathokozisa ukuhlale uyingxenye yeqembu. Kodwa engikubonile wukuthi konke esikwenza ejimini siyakwenza emdlalweni. Mina kuyangijabulisa lokho njengomuntu,” kusho uDolly.

Previous articleUdume njengemali umfana (13) okhanda izimoto
Next articleUfuna amalobolo emuva kokuxabana nomkhwekazi