Injabulo kubuya izethenjwa ze-Chiefs

934

SENZO SOKHELA 

EZIMNANDI ekhempini yeKaizer Chiefs  kubuya abadlali bayo ababili abanesipiliyoni ngaphambi komdlalo wayo nomkhaya base-Gauteng. 

IChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 e-FNB Stadium, eSoweto. 

IChiefs iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu njengoba iyivule kahle isizini iguqisa ngo-2-1 iMaritzburg United kwi-quarter final yeMTN8 ngeledlule eFNB Stadium. 

Ibhekene neSundowns ebukeka isadidekile njengoba iguqiswe ngo-1-0 yiBloemfontein Celtic kuwona lo mqhudelwano ngeledlule eLoftus Stadium, ePitoli. 

IChiefs iya kulo mdlalo we-Downs nje, izinto zibukeka zihamba kahle ekhempini yayo njengoba kubuya uWillard Katsande noLebohang Manyama (abasesithombeni) abebengekho kulo mdlalo weMaritzburg ngenxa yezigwebo zamakhadi. 

UGavin Hunt ololonga iChiefs uthi kuyamjabulisa ukubuya kwalaba badlali futhi kumphathisa ngekhanda elimnandi.

“Kuyinto enhle ukubuya kwabadlali bakho abanesipiliyoni emdlalweni omkhulu njengalona. 

“Kodwa-ke ngeke ngikufihle ukuthi indlela uNjabulo Blom adlale ngayo esiswini ngeledlule ingigeze igilo. 

“Lo mfana unekusasa eliqhakazile ebholeni. Kunzima njengoba siya kulo mdlalo, kufanele nginqume ukuthi ngibophela bani esiswini. 

“Kodwa-ke nawo lo mdlalo uzofika siwulungiselele ngokweqophelo eliphezulu,’’ kusho uHunt. 

UManqoba “TV” Mngqithi ololonga iDowns uthi amaphutha abawenze emdlalweni weCeltic bawalungisile, sebebheke wona lo mdlalo. 

“Okwenzeke kulo mdlalo weCeltic sekungumlando into emqoka manje wukuthi sibhekana kanjani nalo mdlalo ozayo. 

“Angeke ube lula kodwa sizimisele ngokuyivula kahle imidlalo yeligi,’’ kusho uMngqithi.

Previous articleKuboshwe isihlobo kolowesifazane owatholakala elothisiwe emotweni
Next articleIsibhicongo kubhubha abawu-16 engozini