Injabulo kwabeChiefs ivuka ngoSuthu

603

IPirates ibhudluze i-TTM ngo-3-0

MFANAFUTHI NDLOVU

UMBONGENI Gumede wamaZulu FC (ophakathi) ezama ukususa umhlola ekhaya exinwe kanzima nguDarrel Matsheke noSamir Nurkovic 
oshayele iKaizer Chiefs igoli enqobe ngalo kulo mdlalo weligi ophele kungu-1-0 izolo eKings Park, eThekwini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SIZWAKELE isitswebhu sikaGavin Hunt asiqhumise kubadlali beKaizer Chiefs njengoba inqobe AmaZulu FC ngo-1-0 wegoli likaSamir Nurkovic aliqobele enethini ngomzuzu ka-11 kowe-DStv Premiership izolo ngoLwesithathu ntambama eJonsson Kings Park, eThekwini.

Ngaphambi kwalo mdlalo, uNjabulo Blom ongene endaweni kaBernard Parker ngomzuzu ka-73 kulo mdlalo, utshele ILANGA ukuthi uHunt ubatshele ezimpempeni ukushintsha indlela abenza ngayo izinto emidlalweni yale kilabhu ukusuka endaweni embi abesebehleli kuyona.

UBlom (21), olihlikihla esiswini eziMpofaneni, uthe uHunt uhlale nabo bonke abadlali phansi wabatshela ukuthi kumele balungise imiqondo yabo ngoba uma beqhubeka negiya abahamba ngalo, ikilabhu ingagcina igencwa yizembe. 

NoHunt ukufakazelile lokhu emuva komdlalo ethi bafike bewatadishe kahle AmaZulu, babhekisisa lapho ebuthaka khona kwazise le kilabhu inabadlali abahle. 

Uthe lo mphumela ubumqoka kakhulu ukubagudluza endaweni embi kwi-log njengoba besemngceleni wezembe.

Uqhube ngokuthi ujabule ngendlela abadlali bakhe abagijime ngayo kulo mdlalo ikakhulukazi uNurkovic obanika okuthe xaxa phambili noDaniel Cardoso abembophele esiswini. 

UCardoso uqokwe njengomdlali wosuku. Ukhuluma kanjena nje, iChiefs ibisiphenduke inhlekisa nasezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bese beyibiza ngomshini okhipha amaphuzu okwe-atm ehlanza imali. 

Nokho kukhona abalandeli beChiefs abebesho ukuthi kuyenzeka nakwi-atm ufike imali ingaphumi.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neCape Town City ozokuba ngoMgqibelo ngo-17h00 eCape Town City. 

UHunt uthe lo mdlalo uzokuba nzima kakhulu kubona njengoba nawo usekuhambeni. UBenni McCarthy oqeqesha uSuthu, uzwakalise ukuphoxeka ngokuhlulwa kulo mdlalo. 

Uthe iChiefs ihlale iyingozi, isefomini noma ingekho kuyona, ngakho uma umosha amathuba ubhekene nayo usuke uzigwaza ngowakho. Uthe negoli leChiefs baliphiwe yibona. Emdlalweni olandelayo uSuthu luzoshukana nomkhaya iMaritzburg United ngeSonto ngo-15h30 eKings Park. 

* Iqoqe amaphuzu agcwele okokuqala nonyaka i-Orlando Pirates inenebula iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo-3-0 koweDStv Premiership izolo ngo-Lwesithathu ntambama eThohoyandou Stadium, eLimpopo.

Amagoli okunqobe ngawo iBucs avalelwe nguDeon Hotto, uGabadinho Mhango noFortune Makaringe. 

IBucs ibisigijima umdlalo wesithathu weligi onyakeni omusha. Iguqiswe yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 yase ibambana neSwallows FC kuba ngu-1-1 ngeledlule eSoweto.

IBucs izodudulana neBlack Leopards kowePremiership ngeSonto ngo-15h00 kuyona le nkundla yaseVenda.

* Komunye umdlalo odlalwe izolo ntambama, iSuperSport United iguqise iBloemfontein Celtic ngo-2-1 eLucas Moripe Stadium, eTshwane. Amagoli eSuperSport abhakuziswe enethini nguBradley Grobler noThamsanqa “Gandaganda” Gabuza. EleCeltic lishaywe nguVictor Letsoalo.

* THOLA kabanzi ngempilo kaNjabulo Blom engosini yethu iNgaphandle kweNkundla kwiLANGAlangeSonto. Ungaphuthelwa!

Previous articleOwoZalo kuthiwa wesule isigubhukane
Next articleKuyabhujwa yi-Covid ezikhungweni zokumaka