Lesi simemezelo sehlise amaphaphu kwabaningi kuleli
intatheli yelanga
SEHLISE amaphaphu isimemezelo sika-Ngqongqoshe wezeMali, uMnu Tito Mboweni sokuthi ngeke yenyuke intela ekhokhwa ngumuntu nomuntu izolo ngo-Lwesithathu ngesikhathi ethula isabelomali esinzima cishe kunazo zonke selokhu izwe lathola inkululeko ngo-1994, kwazise iCovid-19 ishiye ivithizile eminothweni eminingi.
Uthe uhulumeni uqome ukungabe usaqhubeka nesinqumo sokuthi kukhushulwe intela ukuze kuqoqeke imali elinganiselwa ku-R40 billion edingekayo. Uveze ukuthi ukukhushulwa kwentela kungafaka ingcindezi enkulu kubantu abaningi.
“Ukukhushulwa kwentela njengamanje, kungashiya imindeni eminingi ingaphansi kwengcindezi, ikakhulukazi njengoba ithinteke kakhulu emuva kokuhlasela kweCoronavirus.”
Kule nkulumo uMnu Mboweni wethule lezi ziphakamiso ngentela:
• Intela yezinkampani izokwehla ifike ku-27% kusukela ngoMbasa (April) 2022;
• Intela kaphethiloli izokwenyuka ngo-27c ilitha, ocazwe waba wu-15c ngelitha likaphethiloli, u-11c ngelitha wesikhwama sezingozi zo-mgwaqo no-1c wentela yokungcoliseka komoya;
• ukwenyuswa ngo-8% kwentela emikhiqizweni yotshwala nogwayi.
• ikani eliwu-340ml likabhiya noma i-cider lizokwenyuka ngo-14c, u-750 ml wewayini uzonyuka ngo-26c, ibhodlela eliwu-750 ml lewayini elihlwahlwazayo lizokwenyuka ngo-86c, u-750ml kagologo – iWhisky, Brandy iGin noma iVodka kuzokwenyuka ngo-R5, 50, iphakethe likasikilidi elinemindweza ewu-20 lizokwenyuka ngo-R1,39, ugwayi wenqawe owu-25g uzokwenyuka ngo-47c
• usikilidi wesigazu uzokwenyuka ngo-R7,71.
ISABELO EMAZINGENI AHLUKENE KAHULUMENI
Kuhulumeni kazwelonke kulo nyakamali ozoqala ngoMbasa (March), u-48,7% uzoya kuhulumeni kazwelonke; u-41,9% uye kohulumeni bezifundazwe, kuthi omasipala bathole u-9,4%. Lokhu kuzokwenzeka uma sekususwe izindleko zesikweletu nezinye izindleko.
Isabelo sezifundazwe sizothasi-selwa ngo-R8 billion oqondene ne-minyango yezempilo ngo-2021/22 ukuze zibhekane nobhubhane lweCovid-19.
Ku-R10,3 billion womgomo wokuthithibalisa iCoronavirus, u-R2,4 billion wabelwe iminyango yeze-mpilo ezifundazweni ukuze iqhube uhlelo lokugomela iCovid-19. Isabelo somasipala kulindeleke ukuba senyuke ngo-9,7% wemali yentela seyiyonke ka-2023.
UMNYANGO WEZOKUTHUTHUKISWA KOMPHAKATHI
Izifundazwe zizothola u-R3,5 billion emnyangweni wezokuthuthu-kiwsa komphakathi kazwelonke ozoqondana nosizo lwabantwana abasebancane.
U-R6,3 billion ngowokubhekana neCovid-19 kuze kube wuMbasa (April) nonyaka, u-R678,3 million ngowokuhlinzeka umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi no-wezemfundo ezingeni lezifundazwe ukuze kuqhutshwe uhlelo lo-kuhlinzeka imisubelo kubafundi abaqhamuka emindenini ekhunge-thwe wububha.
Imali yezibonelelo zikahulumeni isizoma kanje:
• Imali yabadala, nabakhubazekile izokwenyuka ngo-R30 ibe wu-R1 890;
• Eyesibonelelo samasosha amadala izokwenyuka ngo-R30 ibe wu-R1 910;
• Eyesibonelelo sezingane izo-kwenyuka ngo-R10 ibe wu-R460;
• Eyesingamzali (foster care) izokwenyuka ngo-R10 ibe wu-R1050.
• Bheka olunye udaba ekhasini 23