Inkabi ‘yayithunywe yinkosikazi yephoyisa ukulibulala’

792

Ininde nenkosikazi kamufi igwetshwa ewu-20 ibhadla ejele

KWESOBUNXELE nguCapt Thomas Ntombela owabulawa
yinkabi uMandlenkosi “Mzo” Ntombela (ongakwesokudla),
ngoNhlaba.

SKHOSIPHI MTHEMBU
IGEQE amagula enkantolo inkabi, ichaza ngokubulala iphoyisa ethi yayithunywe yinkosikazi yalo ngesibhamu salo, igqoke umfaniswano walo wamaphoyisa futhi ihamba ngemoto yalo izolibulala. UMandlenkosi “Mzo” Ntombela (27), waKwaMaphumulo, ubekhuluma ngoMsombuluko eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho ebeyolanda khona isigwebo sakhe seminyaka ewu-20, ebhadla ejele, ngecala lokubulala uCapt Thomas Ntombela, owayeyiphoyisa likaMasipala weTheku, ngaphansi kophiko i-VIP Protection. UNtombela utshele inkantolo ukuthi uyazisola ngesenzo sakhe, futhi wayengazi ukuthi ubulala isihlobo sakhe. Ube esenekela inkantolo ukuthi balakha kanjani intulo lokubulala behlangene nabanye abathathu abangakaboshwa okungumngani wakhe, isiboshwa nenkosikazi kamufi.


Kuvele ukuthi umuntu ongungqondongqo kuleli tulo yisiboshwa esisejele, esidonsa esinye isigwebo, nenkosikazi. UMufi wadutshulwa wabulawa ngomhla ka-3 kuNhlaba (May) kulo nonyaka, esemzini wakhe kwa-S, eMlazi. Wadutshulwa ekhanda, washonela esibhedlela. Ngemuva kwezinyanga ezimbili isigameko senzekile, uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekuboshweni kukaNtombela, owalivuma icala. NgoMsombuluko, kushaqeke amalungu omndeni kamufi ngenkathi uNtombela eveza ukuthi wayethunywe yinkosikazi kamufi ukugila lo mkhuba. Umshushisi uKrishen Shah, ufunde incwadi kaNtombela, echaza ukuthi bambulala kanjani umufi. Ngaphambi kokuba kufundwe ingonyuluka kaNtombela, uJaji Kate Pillay, uqale wabiza uMnu Nkosinathi Ntombela, ongumfowabo kamufi, efuna ukuqinisekisa ukuthi utsheliwe yini ngesigwebo esizonikwa uNtombela, njengoba evume icala, wasebenzisana namaphoyisa kusukela eboshwa, wabe esekuqinisekisa.


Ngesikhathi umshushisi efunda ingonyuluka yakhe, uNtombela ubelokhu ebheke phansi. Utshele inkantolo ukuthi ungqondongqondo kuleli tulo, kwakuyisiboshwa okuyisona esasazi inkosikazi kamufi, siphinde sixhumane nabo ngaphandle. Uthe ngaphambi kokuba enze lo msebenzi, wathola ucingo luvela kulesi siboshwa athi singumkhaya wakhe, simtshela ukuthi kunemoto acela ukuba ayoyilanda eMlazi. Uthi watshelwa ukuthi uzohamba nomngani wakhe naye futhi ongumsolwa kuleli cala beyoyilanda. Uthi baya enxanxatheleni yezitolo eMega City, eMlazi beyolanda imoto yohlobo lweSuzuki, okuthe befika khona, kwaqhamuka owesifazane (inkosikazi kamufi) owayehamba ngeMercedes-Benz. Uthi umngani wakhe wehla, wangena emotweni eyayihamba lona wesifazane, baxoxa.


Uthi wabe esenikezwa ukhiye weSuzuki, baphindela nayo KwaMaphumulo. Uthi imoto bayipaka emzini womngani wakhe, wamtshela ukuthi akakhiphe i-tracker. Uthi ngemuva kwezinsukwana, wathola ucingo lwesiboshwa, simtshela ukuba athathe imoto (iSuzuki), aye eMlazi ngoba kunomsebenzi wokubulala okumele awenzele sona. Uthi isibhamu wasinikwa ngumngani wakhe. Endleleni uthi wayelokhu efonelwa yilesi siboshwa, simtshela ukuthi “kuzophela ukuhlupheka” kuyena njengoba ezokwenza lo msebenzi. Esefikile eMlazi, uthi walinda kwaV, inkosikazi kamufi yafika ihamba ngenye imoto, wagibela kuyona, bahamba yayomkhombisa umuzi wabo nokuthi uzocasha kuphi uma eseyobulala umufi. Esemkhombisile, uthe babuyela emuva lapho ayepake khona imoto. Ngaphambi kokuba ehle, uthi inkosikazi kamufi yamnikeza isikhwama esasinomfaniswano wamaphoyisa kamufi ayezowugqoka uma eseyombulala.


Ngosuku lwesigameko, uthi wahamba nomngani wakhe, bapaka imoto eduze komuzi kamufi. Uthi inkosikazi kamufi yakhipha isibhamu sikamufi, yasibeka onqenqemeni lothango lomuzi wabo, wasithatha khona. Uthi ngaleso sikhathi kwangena ucingo luvela kwisiboshwa,
simtshela ukuthi angabe esahamba kakhulu ngoba umufi usaye esitolo, uzobuya maduze. Uthi umufi wabuya esitolo wangena ngaphakathi ngemoto yakhe, wehla emotweni eyovala isango. Uthi wasondela kumufi ngesikhathi evala isango, wambingelela, wamtshela ukuthi lokhu azokwenza uthunywe yinkosikazi, maqede wamdubula ngenhlamvu eyodwa esiphongweni. Utshele inkantolo ukuthi uyazisola ngakwenza, yingakho ezimisele ukusebenzisana namaphoyisa. UJaji Pillay, ube esemgixabeza isigwebo seminyaka ewu-20.


ILANGA likhulume nomfowabo kamufi uMnu Ntombela othe, bashaqekile bewumndeni ukuthi inkosikazi kamfowabo iyathinteka ekubulaweni kwakhe. Uthi selokhu kwaboshwa le nkabi, inkosikazi kamufi ibingakaze ilubhade enkantolo. “Ngisho emzini kamfowethu akasekho, sewathutha, kasimazi ukuthi ukuphi, akazange atshele muntu ekhaya ukuthi uyahamba,” kusho yena. Uthe konke bazokushiyela emaphoyiseni, kube yingalo yomthetho esebenzayo. “Sibonga amaphoyisa ngokuzikhandla kwawo, ukuqinisekisa ukuthola bonke abathintekayo kuleli cala. “Sibonga nakubobonke abasisekile, okubalwa namaphoyisa abesebenza nomfowethu

Previous articleBadutshulwe bafa ujokhi nosomatekisi besemotweni
Next article“Umama webhantshi” wayesefake nendodana kweyomshwalense