Inkantolo ibonge ufakazi igweba ababulali

595

PHUMLANI GAMA 

IBONGE ufakazi wayo inkantolo ngokwethula ubufakazi obuqanda ikhanda, obuholele ekutheni kugwetshwe amadoda amathathu alahlwe yicala lokubulala uNkk Joyce Gumede (59) nomyeni wakhe uMnu Mfaniza Gumede (59 (abasesithombeni) baseNkolokotho, eMtubatuba ngoba besolwa ngokuthakatha. 

NgoLwesihlanu iNkantolo eNkulu yaseMtubatuba igixabeze ngodilikajele uPhilani Mthethwa (28), uSteve Gumede (33) noMthokozisi Mzobe (26) maqede yadedela uMncedisi Ndlela (32) ngenxa yesenzo sakhe sokuphenduka ufakazi wombuso ngesikhathi kuqulwa leli cala. 

UMnu Gumede namkakhe bahlaselwa besemzini wabo ngo-2020. Abasolwa bagila lo mkhuba beyisihlanu. 

Omunye wabo, uMasosha Dlamini, wasala enkundleni itholene phezulu namaphoyisa ngezulu lezandla ngesikhathi ezama ukumbopha eThekwini. 

Lesi sigwebo samukelwe ngezandla ezimhlophe ngamalungu omndeni wabafi ngokwesekwa ngamalungu omphakathi. 

Previous articleKungani singakhethi ukubuyisana njengezingane zandawonye?
Next articleI-IFP ihlanganise izifundiswa ukubhekana nezinkinga zezwe