Inkatha isole owe-ActionSA ngokufuna udumo ngegama likaShenge

209

LUCKY CAIN

I-IFP kuMasipala weTheku isola umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango (osesithombeni), ngokugagamela ngodaba oluthinta ukuqanjwa kwalo masipala ngeNkosi uMangosuthu Buthelezi. NgoLwesithathu uMncwango ukhiphe isitatimende esola i-IFP ngokuzithela ngabandayo ngesiphakamiso sakhe sokuthi lo masipala uqanjwe ngoShenge. 

Uthe usebhalele iNkosi uZuzifa Buthelezi, eyindodana yoMntwana waKwaPhinda-ngene – ukuyazisa ngalesi siphakamiso sakhe. Uveze ukuthi ngemuva komzukuzuku ezama ukufaka lesi siphakamiso emhlanganweni womkhandlu weTheku, ugcine ekwazile ukukwenza lokho mhla ka-29 kuNcwaba (August). Uthe okumkhathazayo manje, wukuthi i-IFP kulo masipala isizithela ngabandayo njengoba ingasakhombisi ukuseseka lesi siphakamiso, nakuba phambili babevumelene. 

Uqhube ngokuthi kuyashaqisa ukungesekwa kwesiphakamiso sakhe yileli qembu nakuba phambilini waze waxhumana nosihlalo walo
esifundazweni, uMnu Thami Ntuli nomengameli walo, uMnu Velenkosini Hlabisa. Usole i-ANC ngokwesabisa i-IFP ukuze ihoshe izinyawo ngalesi siphakamiso sakhe. 

UMnu Mdu Nkosi, ohola i-IFP kulo masipala, usole uMncwango ngokuhhema nangokugagamela ngalolu daba. “UMncwango kumele akuqonde ukuthi igama loMntwana kalilincane njengoba ecabanga. Yigama okungamele lidingidwe emazingeni ahlukene phansi njengoba luthinta izinhlaka ezahlukene, kusukela esizweni sakwaButhelezi, kuya endlunkulu nakwi-IFP. Ngakho-ke, kufanele akuqonde ukuthi kumele ludingidwe emazingeni aphezulu kazwelonke azo zonke lezi zinhlaka ngaphambi kokuba lufinyelele ezingeni lezifunda,” kusho uNkosi. 

Usole uMncwango ngokuzifunela udumo olungayindawo ngegama likaShenge. 

Uthe beyiqembu, banesifiso sokuba uShenge ahlonishwe ngokwezinga elimfanele ngokwemisebenzi yakhe eNingizimu Afrika nangaphandle, kodwa lokho kakumele kuthatheke kalula njengoba uMncwango efuna ukwenza egameni leqembu lakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi uMncwango wamemezela enkonzweni yesikhumbuzo sikaShenge nyakenye, eyayisePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ukuthi
uzokwenza isiphakamiso sokuba lo masipala uqanjwe ngeleNkosi Mangosuthu Metropolitan Municipality. UMncwango uthe bekungaba kuhle lesi siphakamiso sinikwe ithuba, ikakhulukazi njengoba kuMandulo (Septem

Previous articleInjabulo kuvulwa ihhotela elavalwa kubhoke ukhuvethe
Next articleUjabule wabuya nganeno kugwetshwa uyise owamdlwengula waze wakhulelwa