Inkatha ithi izodedela umthetho kwelokudlwengula

193

BHEKI NDLOVANA

UVELE enkantolo obeyikhansela leNkatha Freedom Party (IFP), obhekene necala elimayelana nezinsolo zokudlwengula intombazanyana eneminyaka ewu-14 ubudala. Njengamanje lo mlisa (52), obeyikhanseka kuMasipala i-Alfred Duma, eMnambithi, usagqunywe ezitokisini.
Kulindeleke ukuba aphinde avele eNkantolo yeMantshi yaseZakheni mhla ka-25 kwephezulu, eseyofaka isicelo sebheyili.

ILANGA lithole ukuthi ngokwezinsolo, isisulu sidlwengulwe kuphindelelwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe icala liphenywa ngamaphoyisa ophiko olubizwa ngeFamily Violence, Child Protection, and Sexual Offences eMnambithi.

Uthe ngokolwazi olusatholwe ngamaphoyisa, isisulu sidlwengulwe ngumsolwa izikhathi ezahlukene kusukela ngoLwezi (November) nyakenye. Emuva kokuboshwa kwakhe umsolwa, kubikwa ukuthi wesulile esikhundleni sokuba yikhansela ngokomyalelo weqembu lakhe.

I-ANC eyizimbangi ze-IFP, ithi inengeke kakhulu ngalezi nsolo zokudlwengula. Ithe kuyishwa ukuthi kuvela izinsolo ezinje ngenyanga yabesifazane. Iqhube yathi ukuthinteka komuntu ongumholi ecaleni lokunukubezwa kowesifazane kuyakhathaza ngoba umphakathi ulindele ukuba abaholi babe ngabavikeli bawo.

Okhulumela i-IFP, uMnu Mkhuleko Hlengwa, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa wesulile esikhundleni sobukhansela ngokuyalelwa yiqembu.
“Iqembu lizodedela umthetho ukuba wenze umsebenzi wawo, bese (iqembu) lilandela inqubo yangaphakathi yokuqondiswa kwezigwegwe, okuyoya ngomphumela wophenyo lwamaphoyisa,” kusho uMnu Hlengwa.

Uqhube wathi i-IFP izibophezele ekulweni nodlame oluthinta ubulili, wathi futhi iqembu kalisoze lavumela noma ngubani obandakanyeka ezenzweni zokuhlukumeza ngokobulili ukuba abe yingxenye yalo. Uthe i-IFP izimisele ngokuqinisekisa ukuthi ifaka abantu abaqotho ezikhundleni.

Previous articleUNgizwe uvulelwe icala lokushaya
Next article‘Ziphithene amakhanda izikhulu zeChiefs’