Inkombankombane “ngezibozi” zamabhilidi

    773

    BHEKI NDLOVANA 

    ISIVUKE ogqokweni indaba yenkinga yamabhilidi abolile 

    nangenababheki emadolobhenikazi aseNingizimu Afrika; okubalwa kuwona iTheku neGoli. 

    Ukuvuka kwayo kuqutshulwe yisigameko esidlule nemiphefumulo yabantu ababalelwa ngaphezu kuka-70 enkabeni yeGoli. 

    Abaholi kuhulumeni sebesukume kwaba sengathi yinto abebengayazi inkinga yamabhilidi abolile nangenababheki, amanye awo asephenduke imihhume nezidleke zezigebengu nezokudayisela imizimba. 

    Empeleni le nkinga indala futhi iyaziwa, kodwa kubukeka sengathi uhulumeni noma abaholi bamathintanyawo ukuyisukumela phezulu ukuze ixazululwe. 

    Njengoba amehlo ethe njo eGoli – emuva kwalesi sigameko sokuthungeleka ngomlilo kwebhilidi eliMarshalltown – kodwa iqiniso wukuthi naseThekwini isinesikhathi eside ixakile le nkinga yezibozi zamabhilidi.  

    Mhlawumbe lokhu kusho ukuthi nalo iTheku lisengcupheni yokwehlelwa yingozi efanayo neyaseGoli, ikakhulukazi enkabeni yawo womabili la madolobhakazi.

    Kuqapheleka inkinga efanayo yokuwohloka kwengqalasizinda, okubalwa kuyona nawo amabhilidi. 

    Njengakhona eGoli, nasenkabeni yeTheku kunenqwaba yamabhilidi abhedayo – amanye awo asahlala abantu, kanti amanye kawasenamuntu. Kwamanye, abantu bangena bazihlalele ngokungekho emthethweni.  

    La mabhilidi mhlawumbe iningi lawo kalidingi nokuba umuntu aze abe nguchwepheshe kwezamabhilidi ukubona ukuthi ibhilidi thizeni kalikho esimweni esihle – ikakhulukazi ukuhlala abantu.

    Abonakala nangezindonga eziguge ngendlela emangalisayo nokungcola, 

    okuwuphawu lokunganakekelwa. 

    Ukubola kwezindonga ngaphandle, cishe kusuke kuveza nesithombe ngesimo sebhilidi ngaphakathi. 

    Ngenxa yokuqonga kwenkinga yamabhilidi abhedayo, uMasipala weTheku wasungula uphiko olubizwa ngeProblem Buildings Division, ngo-2019, okwathiwa luzobhekana ngqo nendaba yamabhilidi ayinkinga edolobheni. Ngesikhathi kusungulwa lolu phiko, umasipala wathi kunamabhilidi abalelwa cishe ku-80 abhedayo enkabeni yedolobha.  

    Awu-39 awo, kwabikwa ukuthi asemgwaqweni uMahatma Gandhi, phambilini owawubizwa ngoPoint Road. 

      NgokukaMasipala weTheku, ezinye zezizathu zokuba ibhilidi lichazwe nje ngeliyinkinga, kubalwa ukuwohloka kwalo, wukungabi nambheki, ukunganakekelwa, wukwehluleka kwababheki balo ukwenza umsebenzi wabo, wukukweletwa ngama-akhawunti kamasipala nokunye okuwukwephula imithetho kamasipala ebekiwe. 

    Mhlawumbe ukubala nje ambalwa agqamile abukeka engekho esimweni esihle eThekwini; yiRondvista ekuwona umgwawo uMahatma Gandhi, kube yi-Elwyn Court ekuwona futhi lo mgwaqo.

     Kuwona womabili la mabhilidi kuhlala inqwaba yabantu. Kukhona elinye eliwohlokile okwakungelikahulumeni, osekuneminyaka lingasebenzi, i-Esplanade Government Building engaseMtateni. Elinye elingakhona eMtateni eselinemi-nyaka linganakiwe, yiWaterfront Lodge, elisemgwaqweni uMargaret Mncadi (Esplanade). 

    Odabeni obelushicilelwe yiLANGA ngoMsombuluko mayelana nengebhe ebantwini abahlala emabhilidini asenkabeni yeTheku – emuva kwesigameko saseGoli – uNkk Gugu Sisilana okhulumela umasipala, uveze ukuthi ukhona umsebenzi oqhubekayo wokulwa nenkinga yamabhilidi abhedayo. 

    Uthe la mabhilidi alinganiselwa ku-80, asesiswemi esingesihle, sekulungiswe abalelwa ku-15 kanti alinganiselwa kwayisihlanu asebhidliziwe. Uthe kunabanikazi bamabhizinisi awu-25 abhedayo abenze isibopho sokuthi bazowalungisa. 

    Njengenjwayelo, ngemuva kwesigameko saseGoli, izikhulu zikahulumeni zibabaze nomphakathi wonke, zazwakalisa ukushaqeka. 

       Ukubabaza kwabaholi kuye kushiye imibuzo ngesinye isikhathi ngokuthi basuke sebeshaqwa yini ngezinkinga abazaziyo ezibhekene nomphakathi, ezinye zazo eziyimiphumela yokwehluleka kwabo ukuhola ngendlela efanele. 

       Yibo abaholi abanamandla okulungisa okusuke kungahambi kahle. Yibo futhi abanamandla okushaya imithetho engagwema ezinye izimo ezingezinhle ezingahle zivele. 

    UmBhishobhi oMkhulu wamaSheshi, u-Archbishop Thabo Makgoba, uthe lesi sigamemo saseGoli nesinye esenzeka ngokwedlule lapho kwaqhuma khona i-gas, kwapetuka umgwaqo – khona enkabeni yeGoli – ziwuphawu lokubola okuhaqe 

    iNingizimu Afrika. 

    Unxuse abasemandleni ukuba bathumele ngokushesha abahloli bezomlilo nabezokuthuthwa kwendle ukuba bahlole amabhilidi angekho esimweni eThekwini naseGoli nakwamanye amadolobha. 

    Unxuse nezinhlangano ezisemthethweni ezingenzi nzuzo, ezilwela amalungelo abantu abahlala kula mabhilidi ukuba zithole izincwadi zenkantolo zokuba kuphoqwe ohulumeni basekhaya ukuba basebenzise imithetho yomasipala eqo-ndene nezomlilo nenhlanzeko. 

    Okuqaphelekile wukuthi isigameko saseGoli siqubule nenkombankombane phakathi kukahulumeni, osopolitiki nezinhlangano ezingenzi nzuzo – ezilwela amalungelo abantu. 

       Akasekho ofuna ukwamukela iphutha lokungenzi kahle umsebenzi. Iqiniso wukuthi abaholi kuhulumeni – futhi abangamalungu ephalamende – yibona abayiziphathimandla, yibona abashaya imithetho okumele ithuthukise izwe.  

    Previous articleIngebhe ngokuphelelwa yimali kweNingizimu Afrika
    Next articleKufezeke elikaMdavu ngomlando weSoul Brothers