Inkosi iboshelwe ukushaya umuntu ngamatshe kubangwa indawo

210

SKHOSIPHI MTHEMBU

ILALE ibaliwe inkosi  yesizwe esiseDumbe,
esolwa ngokushaya ngamatshe, ilimaze
nemoto yowesilisa obeyisola ngokudayisa indawo yakubo. 

Le nkosi – eligodliwe igama layo – kubikwa ukuthi ishaqwe ngamaphoyisa ingazelele ngoLwesihlanu, emuva kokuvulelwa icala lokushaya
owesilisa wasendaweni. 

Kuthiwa ishaqwe nomfana oneminyaka ewu-15 ubudala, okuthiwa ubeyilekelela iqhulula isisulu ngamatshe. 

Kubikwa ukuthi indaba yokudayiswa kwendawo yesisulu isinesikhathi iqalile, njengoba kuke kwaba nokudonsisana phakathi kweso nenkosi.

ILANGA likhulume nomthombo osondelene kakhulu nesisulu, othe indaba iqale ngoNhlangulana (June), ngesikhathi isisulu sithola ukuthi indawo yakubo isidayiselwe abanye abantu, yize umndeni ubunezinhlelo zokwakha kuyona. 

Leli phephandaba lithole nokuthi kunezikhulu ezinxenxa isisulu ukuba sesule icala, zithembisa ukungenelela, zilungise lolu daba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala
lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokucekela phansi impahla. 

Uthe kuboshwe abasolwa ababili, oneminyaka ewu-42 no-15. Bavelile izolo ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseDumbe, umsolwa ona-15 udedelwe ngaphansi kweso lomzali.

Previous articleUmlingisi ukhala ngomongo wemidlalo yabampisholo kumabonakude
Next articleAyeneqhaza elikhulu amakolishi othisha