Inkosi inxusa iSilo ukuhlehlisa umhlangano ngeNgonyama Trust

172

JOHN HLONGWA 

KULINDELE ukuba wonke amakhosi ahambele umhlangano obizwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini kusasa ngoLwesine esishayamthetho esidala oNdini ngo-10 ekuseni, yize uSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uSfiso Shinga (ekwesokudla esithombeni) isikhiphe esayo isitatimende inxusa iNgonyama ukuba iwuhlehlise lo mhlangano. INkosi uShinga ithi iSilo masihlehlise lo mhlangano nje – isimemezelo sawo esiphume ngesandla sikaNdunankulu kaZulu neSilo, uMfu Thulasizwe Buthelzi, egameni laso – yingoba ithi kumele sihlangane nobuholi bamakhosi kuqala. 

Phakathi kwezinto okulindeleke ukuba zidingidwe kulo mhlangano, yikusasa lomhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust nokunye okuthinta lesi sikhwama.

Previous articleInyunyana isola Ramaphosa ngokuba yisehluleki ngodaba lweNHI
Next article23 May 2024