Inkosi iphumela obala ngokuqokelwa kwesikasihlalo weNgonyama Trust

173

JOHN HLONGWA

INKOSI yesiZwe saKwaNgwanase, KwaMhlabuyalinga, isiphumele obala, yatshela ILANGA ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sesiqoke yona njengosihlalo weNgonyama Trust. 

INkosi uMabudu Tembe (esesithombeni) iqokwa nje, ibivele iyilungu lebhodi lalesi sikhwama. 

Ikhuluma naleli phephandaba, ithe yayithola incwadi eyiqokayo. 

“Ngiyiphendulile ngisemukela isikhundla, incwadi ngayinika uNkz Sibongile Mdletshe osebenza ehhovisi leSilo. 

“Njengamanje ngilinde ukuba kwenziwe zonke izinhlelo zangaphakathi, okubalwa ukuba kubikelwe uNgqongqoshe
wezoLimo, ezeMihlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uNkk Thoko Didiza,” kusho iNkosi uTembe. 

ILANGA ngoMsombuluko libikile ngodaba lwesikhundla sikasihlalo esesiphenduke
inkomba nkombane. 

Okhulumela iSilo, uMntwana u-Africa, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba iNkosi uTembe ingamkhombisile incwadi ethi iqokwe ngayo. 

Okhulumela umnyango, uMnu uReggie Ngcobo, uthe kayikho incwadi abebesayitholile.

Isazi sezomthetho, uMnu Mpumelelo Zikalala, weZikalala Attoneys Inc, sithe iSilo sinelungelo lokuziqokela noma ngubani esimthandayo. 

Previous articleKuvuka iminjunju kowashonelwa yingane imuka nomfula
Next articleKuxwayiswa abemukela isibonelelo ezitolo