Inkosi isole ukushintsha kweziphathimandla kuhulumeni ngokwanda kwezinkinga

176

Bekwethulwa inhlangano yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane

MTHOBISI SITHOLE

ISOLE ukushintsha kweziphathimandla njengento ephazamise iqhaza lamakhosi ekubhekaneni nezigameko zokuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili, iNkosi uNkosinathi Maphumulo ngesikhathi kwethulwa inhlangano yokulwa nobubha nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Le nhlangano ebizwa ngoMhlahlandlela Economic Alliance ibithulwa ezingeni lesifundazwe eMbumbulu, eThekwini, ngoLwesihlanu 

INkosi Maphumulo engusihlalo wale nhlangano KwaZulu-Natal, ithi ngesikhathi kuphethe uhulumeni waKwaZulu, lalilikhulu kakhulu iqhaza lamakhosi ekukhuzeni izigameko ezimbi emphakathini. Ithi ukushintsha kweziphathimandla ezingeni likahulumeni, kuliphazamisile iqhaza lamakhosi, kwanda izigameko zokuhlaselwa kwabantu behlukunyezwa ngokobulili, abanye bebulawa. 

Itshele ILANGA ukuthi, ngoMhlahlandlela, bafuna ukubuyisa usiko nenhlonipho ebantwini abasezindaweni zamakhosi. 

Le nhlangano isingulwe ngo-2020 nguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uSifiso Shinga;  nowayengumdidiyeli wamabutho eSilo uMnu Zihogo “Mgilitsha” Nhleko (ongasekho) nabanye.

Previous articleSilindeleke kule nyanga isinqumo sebheyili koluka-AKA
Next articleUCassper uphumele obala ngempi yakhe neGcokama