Inkosi neziyalo ezijulile emndenini kaShenge kwenziwa ihlambo lakhe

90

BHEKI NDLOVANA

INTONGELISE umndeni woMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, iNkosi yesizwe sakwaButhelezi eMbongombongweni ngesikhathi kwenziwe ihlambo likaShenge ngoMgqibelo , eMahlabathini, oNdini. INkosi Mzamo Buthelezi iyale indodana kaShenge esesihlalweni KwaPhindangene, iNkosi uZuzifa Buthelezi ngokuthi ize ingasidumazi isizwe esiholwe kahle nguyise. 

INKOSI uMzamo Buthelezi (kwesobunxele neNkosi uZuzifa Buthelezi.

Inxuse abantwana bakaShenge ukuba babambane kakhulu kunakuqala, benze isiqiniseko sokuthi umuzi wenkosi uyadlondlobala, nokuthi ubukhosi besizwe sakwaButhelezi buyasimama. “Ukusuka namhlanje Shenge, uqala uhambo olusha ongakaze uluhambe. “Ukuthi ubusuhlonziwe njengenkosi bekungasho ukuthi segcina nje lapho, iqiniso ngelithi ubungakazithathi izihlangu zikayihlo lezi ezihlanjululwa namhlanje.
“Naye uqobo lwakhe umntwana, beningakamkhulumisi ngoba ubengakahlambuluki. Kuzoqala emuva kwalo mcimbi ukuthi noma nithetha egcekeni, nimphathe ngoba usehlambulukile,” kusho iNkosi uMzamo iyala iNkosi uZuzifa.

INkosi uZuzifa ichaze usuku lwangoMgqibelo njengobelunzima kuyona. Ithe izizwa inomunyu kodwa futhi izwa ukuthokomala. Ichaze lolu suku njengolumqoka kakhulu esizweni sakwaButhelezi. Iphawule ngobumqoka bokuqhubeka nemisebenzi emihle eyenziwe nguyise, ikakhulukazi umsebenzi wokulwela umhlaba nokuvikela ubukhosi bukaZulu. Ithe ukwehluleka wukuvikela nokubuyisa isithunzi sobukhosi kuyofana “nokukhafulela umntwana ebusweni”.

Kwabebethamele lo mcimbi bekukhona amakhosi ezizwe ezahlukene, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa – ongungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezomdabu kuzwelonke- nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thamsanqa Ntuli, nguMfu Musa Zondi ongungqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho, ezokuvakasha nezemvelo KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi ongundunankulu kaZulu futhi ongungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezomdabu KwaZulu-Natal, amazinyane eSilo uZwelithini kaBhekuzulu nabanye abantwana baseNdlunkulu kaZulu.   
bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleIveze eyokungawazi umbhede selokhu yagana inkosikazi yesikhulu se-IFP
Next articleIngebhe ngemigodi kamasipala “eyingozi” ezinganeni