PHUMLANI GAMA
IKHIPHE umehlokaboni ka-R20 000 iNkosi yaKwaMadlebe, eMpangeni, uZenzo Zungu (esesithombeni) ozogoduka nomuntu ozoveza umkhondo wamasela agasele edlelweni, ashaqa imfuyo yayo.
INkosi Zungu itshele ILANGA ukuthi kuthathwe izimbuzi zayo eziwu-10 nezimvu eziwu-16.
Lo mholi uthi udinwa wukuthi amasela kawagcinanga ngokuntshontsha imfuyo yakhe, kodwa abuye ashaya ngesibhamu umelusi wayo ngesikhathi emfica edlelweni.
Echaza ngomklomelo, uthe isifiso sakhe wukuba kutholakale amasela abuyiswe emphakathini ukuze kuzophepha abantu.
“Okwenza ngibeke le mali, wukuthi abantu abaningi baphelelwe yimfuyo. Sekuyisikhathi sokuba kwaziwe lo mgodi ongagcwali okungena kuwona imfuyo
yomphakathi.
“Kangizimisele ngokuthi babekwe izandla uma sebetholakele abenzi bobubi, kodwa ngifuna basihole, bayosifaka lapho okuphelela khona imfuyo yethu.
“Konke sizobe sikwenza namaphoyisa, ngoba ngiwabikele futhi livuliwe necala,” kusho iNkosi uZungu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Neshiunda, uthe amaphoyisa avule amacala amabili, elokushaya nelokwebiwa kwemfuyo.
Uthe amaphoyisa abengakabophi muntu.