Inkosi yenze okungajwayelekile abazali “begoloza” ukulekelela ekulungisweni kwesikole

227

THANDOLUHLE NGUBO

YENZE okungavamile iNkosi yesiZwe saKwaHangaza, eMbazwana, KwaMhlabuyalingana, uNdabezinhle Zikhali (esesithombeni), ifingqa imikhono, izibambela mathupha yalungisa iSonto Zikhali Primary School.

ILANGA lithole ngelungu lasebukhosini, uMnu Xolani Zikhali ukuthi inkosi izibambele ekulungiseni nasekukhuculeni isikole, njengoba abazali bezingane ezifunda kusona beziqhelelanisile, bathi ukulungiswa kwaso kuwumsebenzi womnyango. Uthe lesi sikole sakhiwa ngamalungu omphakathi eminyakeni edlule. “Nakuba ngingasawukhumbuli kahle unyaka, kodwa isikole sakhiwa ngamalungu omphakathi, ayebona ukuthi isikole iMbazwana Primary, sikude kakhulu. Okunye okwakukhalisa kakhulu umphaka-thi wukuthi kunomgwaqo omkhulu okumele uwelwe yizingane uma ziya eMbazwana. Kwaba nomhlangano, kwavunyelwana ngokuthi kwakhiwe lesi sikole ngoba uhlelo lomnyango luthatha isikhathi eside. Sacela iminikelo kosomabhizinisi bendawo nezinkampani ezakhele uMhlabuyalingana. Amalungu omphakathi ayakha lokho anamandla akho. Kwaqala ngokuthi kwakhiwe amakilasi amabili, sabe sesiqanjwa ngokuhlonipha inkosi yesizwe ezala le ebusayo,” esho.

Uthe ngemuva kokwakhiwa kwala makilasi, isikole sabhaliswa sabuyela ngaphansi komnyango, saqala ukusebenza, kodwa umnyango kawukabi naso isabelomali saso njengoba kuze kwaphoqa ukuba baqhubeke nokucela uxhaso ukuze isikole sibe sezingeni lokufunda. Utshele ILANGA ukuthi ngemuva kokuthola uxhaso lwezinto zokwakha eSodwana Bay Lodge, bacele abazali babafundi ukuba bafake isandla, kulungiswe isikole, kodwa banqaba, bathi kuwumsebenzi womnyango wezemfundo, okwenze inkosi yagcina izibambela. 

Inkosi ithe kule mpelasonto esiphuma kuyo, kugcine kufika owesifazane oyedwa obengumzali womfundi kulesi sikole, namanye amalungu esigungu esilawula isikole ukuyolekelela. Ithe ngemuva kokubhalela umnyango, becela imali yokusilungisa, kwabuya impendulo ethi umnyango unemali yokusithengela ucingo lokubiya kuphela. “Kulapho nganquma ukuyozibhekela isimo sesikole, ngafika kukuningi okonakele. Kwakunemigodi phansi, amanye amakilasi engenawo ugesi, upende uphuphile, amawindi nezicabha kufile. Ngabona ukuthi uma ngingasukumi, isikole sizovalwa uma kungathiwa kufika ochwepheshe bayosihlola ngoba kasiphephile.  Yilapho-ke esabhalela khona abaseSodwana Bay Lodge, banikela ngezinto zokwakha, kodwa bathi kabanayo imali yokukhokhela izisebenzi. Kasibanga nankinga nalokho ngoba sicabanga ukuthi abazali bezingane ezifunda kusona bazosiza, kanti lutho,” kusho inkosi.

Ithe nakuba abazali benqabile ukulekelela, akhona amalungu omphakathi agcine ethintekile, alekelela. Uthi kuningi abasafisa ukukulungisa esikoleni. 

ngubo@ilanganews.co.za

Previous articleOwe-gospel uthembisa lukhulu ngomzungezo weqembu lakhe
Next articleUsole idimoni “obulale” umkakhe