Seziyikhalela, ilihlanze lonke iqiniso ngokusocongwa kwendoda
NOMFUNDO NGWANE
ZIMKHALELE egqoke inzilo umfelokazi wephoyisa laseGamalakhe, ePort Shepstone, oboshwe ngoKlebe ngoMsombuluko eyocela ukuba amaphoyisa amgcwalisele amaphepha okuba athole imali yomshwalense
wendoda.
Kuhlwe emini kuNkk Nonkululeko Ngwabe, waswela umgodi wokucasha ngesikhathi oKlebe bemtshela ukuthi uphenyo lwabo luveza ukuthi uyathinteka ecaleni lokubulawa
komyeni wakhe, uWarrant Officer Thulani Ngwabe (52), owagwazwa wabulawa ngenyanga edlule.
Isidumbu sakhe satholakala sinenqwaba yamanxeba okugwazwa, sidindilize ebhishi ePort Shepstone. Kulesi sigameko kuboshwe uNkk Ngwabe nokuthiwa uyisoka lakhe, okusolwa ukuthi bebebambisene bakha itulo lokubulala uWarrant Officer Ngwabe.
ILANGA lithole ukuthi umufi ubulawa nje, isimo bese sivele singasesihle phakathi kwakhe nomkakhe, kubangwa
indaba yemali nokungaziphathi kahle kwenkosikazi.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngelungu lomndeni, elicele ukuba singalidaluli igama lalo ukulivikela ngenxa yokuba bucayi kodaba, inkosikazi ziyikhalele ingalindele
njengoba ibiyobonana nomphenyi wecala ngenhloso yokuba ayisayinele amaphepha
emishwalense ukuze ithole imali yendoda.
Kuthiwa kujikile ukudla
epuletini, umphenyi wecala
wayitshela ukuthi kayisagoduki, izolala endlini emnyama ngoba iyathinteka ecaleni lokubulawa kukaWarrant Officer Ngwabe.
Kuthiwa inkosikazi kayizange inanaze, ilihlanze lonke iqiniso, yathi ibiyingxenye yokubulawa komyeni wayo ngenxa yezinki-nga abebebhekene nazo emshadweni wabo, umyeni esefuna nokufaka isehlukaniso.
Kuthiwa uWarrant Officer Ngwabe ubulawa nje, ubesekhulumile nabaphathi bakhe ukuthi ucela ukushintshelwa kwesinye isiteshi ngenxa yezinkinga
zomshado wakhe. Bese kuqedwe konke, esezosebenzela esiteshini saKwaMashu.
Ilungu lomndeni lithe bathole ukuthi isoka laqasha inkabi
layithembisa ukuthi izokhokhelwa u-R20 000 uma sekuphume imali yemishwalense yendoda. Yagcina ngokukhokhelwa u-R2 000 wokuqala umsebenzi.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCapt Simphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalona wesifazane nowesilisa, washo ukuthi uvelile eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ngoLwesibili, icala lakhe lahlehlela umhla ka-19 kuZibandlela (December).