Ehehebeni lencwadi ithe umyeni ubeyihlukumeza eyishaya futhi ejola ebandleni
NOMFUNDO NGWANE
ISHIYE iheheba lencwadi ineka umyeni wayo ongumfundisi waseSheshi ngokujola nabesifazane abehlukene ebandleni inkosikazi etholwe izibulele.
Ngokwale ncwadi, kuvela ukuthi izibulale ngoba isikhathele wukuhlukunyezwa ngumyeni wayo.
Isidumbu sikaNkk Nomthandazo Sithole (41) obenguthisha eQinisweni Primary School, eNanda, sitholakale emotweni yabo siphethe iBhayibheli ngeledlule eNkwenkwe, eMelmoth.
ILANGA lithole ukuthi emotweni okutholwe kuyona isidumbu sikaNkk Sithole, bekuneheheba lencwadi okusolwa ukuthi ulibhale ngaphambi kokuba aqede ngempilo yakhe, ebelichaza ngakho konke okube yimbangela yokuba athathe lesi sinqumo.
Phakathi kwezinto okuthiwa uzibhalile umufi, kuvela ukuthi wacela umfundisi ukuba amthengele izinwele zokufakelwa ezibizayo, umyeni wanqaba wakhala ngokuthi imali akanayo ekubeni kunemilayezo abeyitholile ukuthi kunowesifazane othandana naye (umyeni) wakhe abesanda kumthumelela imali.
Kuyona le ncwadi kuphinde kuvele inqwaba yamagama abesifazane abemsola ngokuthi uthandana nabo, abanye babo ngabasebandleni.
Kuthiwa ukubeke kwacaca kuyo le ncwadi ukuthi ubesekhathele wukuphila impilo yokuhlukunyezwa ngumyeni wakhe phambi kwabantu.
ILANGA lithole ukuthi umfundisi nomkakhe njengoba bebeseMelmoth nje, bebevakashele emzini wabo, kwazise ngabakuyona le ndawo, kodwa besebenzela eThekwini, emishini esoThongathi.
Kuthiwa kwenzeka lokhu nje, bebehleli bodwa izingane zingekho, zivakashele ezihlotsheni zabo.
ILANGA likhulume nabasondelene namalungu omndeni wenkosikazi abalidonse ngendlebe ukuba lingabadaluli ngenxa yokuba bucayi kodaba.
Athe kwenzeka lokhu nje, inkosikazi ibisanda kuthola umqhafazo efonini kamfundisi ekhuluma nomunye wesifazane athandana naye behlela ukuthi bayokwakha umuzi wabo eGroutville.
Le mithombo iveza ukuthi uNkk Sithole bakhona abekhuluma nabo ebabikela ukuthi akahleli kahle emendweni wakhe, waze wakuveza ukuthi usekhathele wukufihla izenzo zomyeni wakhe.
Imizamo yeLANGA yokuthola umfundisi kayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokutholakala kwesidumbu sikaNkk Sithole.
Uthe amaphoyisa asaphenya icala lokutholakala kwesidumbu somuntu bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.
nomfundo@ilanganews.co.za