Inkosikazi kaNtuli iveze abekulangazelele ngaphambi kokuhamba emhlabeni

194

LUCKY CAIN 

“BEKUNGESONA isikhathi sakho sokuhamba emhlabeni Bongi.” Lawa ngamazwi enkosikazi yomgadli wamaZulu FC, uBonginkosi “Mdeva” Ntuli, uSinenjabulo Ntuli, MaZungu, awethule ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo salo mdlali eMoses Mabhida Stadium namuhla ngoLwesithathu. UMaZungu ubebambe izinyembezi ngesikhathi ekhuluma ngobudlelwano bakhe nomyeni wakhe, odlule emhlabeni ngeSonto ekwesinye sezibhedlela eMgungundlovu. Utshele izinkumbi ebezethamele le nkonzo ukuthi uNtuli ubengakalindeli ukuhamba emhlabeni. Uthe lokhu ukusho ngenxa yokuthi ubelangazelele usuku lwabo lomgcagco wesintu, obekumele ube ngosuku adlule ngalo emhlabeni. Uthe uyohlala emkhumbula umyeni wakhe njengoba benze okuningi ndawo, kusukela ekubukeni unobhutshuzwayo kumabonakude kuze kushaye phakathi kwamabili. Uveze ukuthi uyohlale emthanda futhi akaqondi ukuthi kungani esheshe wamshiya emhlabeni. Uzwakalise ukuthi kubuhlungu ngendlela engachazeki okumehlele, futhi kusazothatha isikhathi ukuba akwamukele. Ngakolunye uhlangothi, uyise kaBongi, uMnu Thulani Ntuli, ucelele indodana yakhe indlela enhle futhi ikwazi ukubheka ikhaya neqembu layo, uSuthu. Uthe bewumndeni, bayohlala bemkhumbula kwazise ubeyinsika yawo. 

Previous articleIsiqalile inkonzo yesikhumbuzo sowoSuthu
Next articleUDlamini unyakazise abazili esikhumbuzweni sikaNtuli