INQOBILE I-SUNDOWNS

417
NGUMDLALI omusha weMamelodi Sundowns uJunior Mendieta oshaye igoli lakhe lokuqala kule sizini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
IQHUBEKILE nokuvulela isibhaxu iMamelodi Sundowns esivule igebe esicongweni seDStv Premiership njengoba italabhe iRichards Bay FC ngo-1-0 wegoli likaJunior Mendieta izolo ngoLwesithathu kusihlwa eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Lo mphumela uqhubezele phambili usizi kwiBay njengoba ingakaze inqobe kule sizini emidlalweni emine esiyigijimile. Inephuzu elilodwa elithole ibambana namaZulu FC ngo-0 0 ngeledlule eThekwini. Lesi simo sibeka engcupheni ikusasa likaKaitano Tembo ongumqeqeshi weBay. IBay izoshukana neSekhukhune United ngaphambi kwekhefu leFifa emdlalweni ozokuba ngoLwesithathu esiya kulona ngo-19h30 khona belu eMlazi. IDowns ngosuku olufanayo ngo-17h00 izodlala nePolokwane City eLimpopo. IDowns ikhombise zisuka ukuthi ifuna ukunqoba njengoba isiwombe sokuqala siqale ngegiya eliphezulu, ilokhu idweba ibhola. Ngomzuzu wesithathu icishe yavula inkundla uThabani Dube weBay ephisana ngebhola engaphandle kancane kwebhokisi langakubo, uLesiba Nku wathi ulinombelisa enethini, laphuma eceleni kwamapali. Isiwombe sokuqala sesiyophela umdlalo uke waba nesiwombe esethusayo uSomila Ntsundwana elimala kwaphoqeleka ukuba aphuthunyiswe esibhedlela. Nokho ungene ezihambela kwi-ambulense.

Previous articleUlahlwe ngelakubo “odubule” ikhansela
Next articleINJABULO ABANTU BENIKEZWA IMISEBENZI WUMASIPALA