INTOKOZO KULALELA ENIKWA UMSEBENZI WOKUJAJA OKA-MR SUPRANATIONAL

415
UBENGELINYE lamajaji kukhethwa uMister Supranational, uLalela Mswane emcimbini obungoMgqibelo ebusuku ngemuva kokuthwala isicoco sikaMiss Supranational ngoLwesihlanu

.

NONHLAKANIPHO SHINGA
USEQALE ngokusemthethweni ukwenza eminye yemisebenzi yokuba nguMiss Supranational, uLalela Mswane onqobe lesi sicoco ngoLwesihlanu kwathi ngoMgqibelo ebusuku waba ngelinye lamajaji ekukhethweni kukaMister Supranational. Le ntokazi edabuka KwaSokhulu eRichards Bay, iveze enkundleni yayo yokuxhumana i-Instagram, ukuthi beyingelinye lamajaji ayisithupha abenikwe umsebe nzi wokukhetha insizwa ezothatha okaMister Supranational. Ubhedu ludliwe yinsizwa yaseCuba, uLuis Daniel Galvez.


“Izolo (ngoMgqibelo) ngenze umsebenzi wami wokuqala selokhu nginikwe lesi sicoco kanti kungijabulise kakhulu ukuhlala namajaji, ngibe yingxenye yawo. “Ngifisa ukuphinda ngibonge abantu base-Ningizimu Afrika abangesekile, nabahleli balo mncintiswano,” esho. Umcimbi aqokwe kuwona ububanjelwe ePoland, kanti uhlelwa ngabeWorld Beauty Association. Umncintiswano wokuqala wawubanjelwe khona ePoland ngo 2009 lapho intokazi yase-Ukraine yathatha isicoco sokuqala. INingizimu Afrika isike yasithatha kabili lesi sicoco njengoba ngo-2011 nango-2012 sanqotshwa ngozime bakuleli, kanti ngonyaka odlule uThato Mosehle walala isibili. ULalela ngemuva kokuthwala lesi sicoco uthe akakholwa, wathi usejahe ukubuyela eNingizimu Afrika ukuyobungaza ukuphumelela kwakhe. Uphethe nesicoco sikaMiss SA.

Previous articleKuqothwe (4) wabasebukhosini obubangwa
Next articleIyamaniswa nobukhosi obubangwayo eyokubulawa kowesifazane