NOMFUNDO NGWANE
WEHLULEKILE wukuzibamba izinyembezi zagcwala amehlo, uNkz Eunice Mayeza (51) wakwa-P, eMlazi, ngesikhathi echaza ngobuhlungu abuzwile efika umzukulu wakhe oneminyaka ewu-13 ubudala elenga entanjeni ekameleni ngoMgqibelo.
Kuthiwa u-Andiswa Malaika Mayeza (13) (osesithombeni), obefunda Ogwini Comprehensive Technical High School, khona kwa-P, akashiyanga ngisho incwadi echaza ukuthi kungani ethathe isinqumo esinje.
UNkz Mayeza okunguyena ofike kuqala endaweni yesigameko, uthe ngoMgqibelo umzukulu wakhe uvuke wamenzela ukudla, kungekho lutho olukhombisa ukuthi unenkinga noma kukhona okumphethe kabi.
“UMalaika uzalwa yindodakazi yami eyashona, besihlala sobabili endlini, eyithemba lami. Bekuyizithuba zasemini ngihleli naye kwamakhelwane, wasukuma waya endlini eyoshintsha ibhulukwe abelifakile.
“Ngibone kuphela isikhathi eside ingane ingabuyi ngoba ibingahlukani nami. Ngiyilandelile ngaya ekhaya ngifuna ukuyobheka ukuthi ngabe kwenzenjani. Ngifike iminyango ikhiyiwe, ngabiza umfana wakwamakhelwane ukuba azongigqekezela ngoba bengifuna nokuthatha ijezi ngigodola.
“Ngingene endlini ngaqonda ekamelweni lami ngingazitsheli ukuthi ngingazithela phezu kwento efana nalena. Ngithuke ngacishe ngashayeka phansi uma ngizithela phezu kwesidumbu somzukulu wami silenga. Bengizitshela ukuthi ngilele ngiyaphupha,” kusho uNkz Mayeza.
Uthi usazibuza ukuthi kungani umzukulu wakhe enze into efana nale, wajike wangabhala nencwadi. Uchaze umzukulu wakhe njengengane ebinothando, ihlonipha futhi ikhaliphile esikoleni.
“Bekuthi noma ngigula nginakekelwe nguyena, kangazi ngizoba yini njengoba eseshonile,” kusho uNkz Mayeza.
Uyise kaMalaika, uMnu Chalk Abedi, uthe: “Kangazi ngoneni kuMdali, usengaze angiphuce indodakazi yami ngesihluku esingaka! Bengenza konke okusemandleni ami ukuthi ihlale ijabule, ingasizwa isikhala sokuthi yashonelwa ngunina.
“Bengiyifonela zonke izinsuku, ngaphambi kokuba ngivale ucingo ngiyitshele ukuthi ngiyithanda kangakanani. Bengenza isiqiniseko sokuthi kasipheli isikhathi eside ngingayanga ukuyoyibheka njengoba bengingahlali nayo.
“Ngiyafisa ukuthi amaphoyisa enze uphenyo olunzulu ukuze sithole isiqiniseko sokuthi izilengisile ngempela ngoba namanje kangikakholwa,” kusho uMnu Abedi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngalolu daba.