Intshokovane ikwenza ubone izinto ezingekho

    709

    SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI

    LIYASHISA ilanga esifundazweni iNorth West, kunzima ngisho nokuzivocavoca ngenxa yokusaba ukuquleka. Lishisa sengathi lona olibasayo ezulwini uthola amalahle mahhala.

    Phela ngiyaqala ukubona abantu bephathela ilanga izambulela, thina sazi ziphathelwa imvula. Uma uhamba ngemoto, ubona izambulela ezimibalabala, uma uthe ukushaya kancane noma ubheme intshokovane, ungafunga ukuthi kunezimbali ezinkulu ezihamba eceleni komgwaqo. Ungaze ubuyele kulo muntu oyithenge kuye (intshokovane), ubuze ukuthi ufakeni kule nsangu oyibhemile.

    Sisakhula, babekhona obaba ababethi bathathwe yikheshi bedakiwe. Umuntu wayethi ehlala eMlazi, adlule edolobheni aphuze uma ebuya emsebenzini, bese engagoduki. Afike ekuseni ngovivi, athi uthe egoduka wathathwa yikheshi, wavuka eseManzimtoti, elele emgwaqweni. Ikheshi lelo kwakuthiwa yisipoki esithatha abantu abadakwe kakhulu siyobalahla lapho sithanda khona. 

    Yize sasisengabantwana nathi, sasisaba ukuhamba ebusuku, sisaba lona ikheshi ukuthi nathi lingasithatha liyosilahla kude nekhaya bese sidliwa yizilwane zehlathi. Ukhona nje ubaba wasendaweni elalimthatha njalo uma eholile. 

    Ngathi noma sengikhulile, ngezwa ngabashayeli bala maloli angodabulamazwe, bethi nabo bayahlangana nalezi zipoki. Bathi bahla-ngana nentokazi ewuphumalanga sikhothe, icela ulifti emgwaqweni. Uma uyigibelisa elolini lakho, kucima izibani lapha kuwe, uzithole usukomunye umgwaqo okungame-le ube kuwo, noma uvuke isigingqikile insimbi yabelungu, ingasekho le ntokazi. 

    Ngatshela abelungu bami ngale ndaba, ngathi ngifuna ukuhamba nabo laba bashayeli amasonto nje ambalwa ukuze ngizibonele ngosi, bese ngibhala ngaso lesi simanga. Kwaphela amasonto amathathu ngihamba nabashayeli, kodwa lutho ukubona lezi zintokazi zemihlola.

    Ngiyasola ukuthi ofeleba laba ababona lezi zintokazi basuke sebedle kweqa ezinkambeni zikaFaro noma bebhemile. Phela isizungu nje sisodwa, singakwenza ubone izinto ezingekho. 

    La madoda ababona abafazi bawo mhlawumbe kanye ngenyanga. Abanye basuka eGoli beyolahla umthwalo eNamibia noma eMalawi, babuye neminye imithwalo eya eSwazini noma eLesotho. Impilo yabo isemgwaqweni, kanti nezingane zabo kazisabazi. 

    Uthola ingane ibuza unina ukuthi ngubani lo baba olele egunjini lakhe lokulala. Ezinye ezaziyo ukuthi oyise bashayela amaloli, ziphuma endlini zime ngaphandle njalo uma kudlula iloli, zithi “nangu ubaba”. 

    Nale ndoda yaseBhayibhelini okuthiwa nguMozisi, nayo yashiya abantu eyayihamba nabo yayohlala yodwa entabeni isikhathi eside, ithi iyolindela umyalezo kaMveli-nqangi. Yabuya ithi ibone isihlahla sivutha umlilo ungabaswanga ngumuntu, yase izwa izwi liyitshela ngemithetho eyishumi yempilo. Yasuka lapho yayobaza amatshe eyabhala le mithetho kuwo. 

    Abalandeli bayo babona ngayo yehla entabeni nezinguzunga zamatshe. Thina-ke sasizoyicela le mambana ukuthi iyosibonisa lesi sihlahla sale nsangu esithole kule ntaba.

    Abantu bensangu phela bayayithanda enamandla ngoba ishaya khona, ikubonise ngisho nemiboniso.

    Nensizwa eyaduma ngezinkondlo nemidlalo yeshashalazi kwelaseNgilandi, uWilliam Shakespeare, nayo kuyashiwo ukuthi yayingumbhemi owayefunga ngayo intshokovane. 

    Eminyakeni embalwa edlule, kwabhalwa kwelinye iphephandaba ukuthi kwatholakala izinhlobonhlobo zamapipi okubhema insangu ngenkathi kumbiwa lapho yayihlala khona le nsizwa. 

    NangesiZulu kwakushiwo kuthiwe intshokovane wugwayi wamakhehla, owawubhenywa uma kucatshangwa noma kuhlaziywa izinto ezazidinga ubuchopho obujulile. 

    Nami ngisazolibhemela leli langa, ngibone ukuthi lezi zambulela ezigcwele umgwaqo zizophenduka zibe yini. Mhlawumbe ngizobona izingilosi zindiza eceleni komgwaqo. Sengiyonazisa kwenye ingosi uma kukhona engikubonile. 

    Previous articleKunohlobo lwabesifazane oluthunaza isithunzi sembokodo
    Next articleINingizimu Afrika ingase imiswe kwezemidlalo