Intukuthelo kugugulwa amathuna awu-11

723

Umasipala ucela uxolo emindenini, uthi kwenzeke iphutha

SKHOSIPHI MTHEMBU
UYAVEVA yintukuthelo umphakathi waseShiya-bazali, eMshwathi, okugugulwe amathuna ezihlobo zawo ungaziswanga ngoba kuthiwa sekuzokwakhiwa izindlu zangasese zabahlala emijondolo yaseSidakeni, eyakhelene nala maliba. Ngokuthola kweLANGA, amathuna agugulwa nje, kuthiwa kunohlelo lukaMasipala waseMshwathi lokwakhela abahlali basemijondolo yaseSidakeni, izindlu zangasese obekumele luqale. Okucasula eminye imindeni ekhulume neLANGA, wukuthi kayizange yaziswe ngalokhu, kodwa izwe sekuthiwa kunogandaganda ogugula amathuna. Lokhu kwenzeke ngasekupheleni kukaNhlolanja (February). Abagugulelwe amathuna bathi bebelokhu belinde incazelo kwabakwamasipala, kodwa kusalokhu kucwebe iziziba.


NgoLwesihlanu ILANGA lihambele kule ndawo ngenhloso yokuzibonela amathuna aguguliwe. Lifike kumapeketwane, amatshe abhalwe amagama kamufi nokuthi uzalwe nini, washona nini kuwubusaphasapha kubonakala ukuthi aguguliwe. Bekusabonakala nokhonkolo ababhalwe izinombolo zamathuna. Amathuna okuthiwa aguguliwe awu-11 esewonke. UMnu Nqobile Luthuli okugugulwe amathuna amathathu amalungu omndeni wakubo, uthi namanje kusamxaka ukuthi umasipala uyenza kanjani into enjena ngaphandle kokuxoxisana nabo. “Amathuna asekhaya mathathu; ngelikababa, ngelikadadewethu nelomshana wami. Ngosuku agugulwe ngawo ngithole umbiko ngisekhaya kuthiwa mangiphuthume kunogandaganda osebenzayo emathuneni. Ngifike sekuvele sekonakele, ngawumisa usaqhubeka nokugugula amathuna.

Ngifike awakithi engasekho womathathu, kungasabonakali nokuthi bekuke kwaba khona amathuna,” esho. Uthi namanje akakaze ayithole incazelo ngalokhu njengoba kuthulekile futhi kungekho oxhumana nabo njengomndeni. “Kunezinto zesintu esizenzayo eziyaye zidinge ukuba siyokhuluma nasebelele emndenini. Njengoba amathuna asekhaya engasabonakali nje, kangazi ukuthi sizokwenzenjani,” kuzikhalela uMnu Luthuli. UMnu Mcedisi Qwabe oyilungu lomphakathi naye othi wazifikela mathupha ugandaganda uqeda ukumba, uthi namanje akayikholwa into ayibona. “Umonakalo owenziwa lapha namanje kangikawukholwa, safika amathuna eguguliwe, amanye embiwe njengoba kwakubonakala nezingubo esikholwa wukuthi ngezimboza amabhokisi. Uma ngingaphosisi awu 11 amathuna ambiwe kule ndawo njengoba nizibonela nje.


“Kuyasixaka ukuthi uma bezoqala uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zangasese, kungani kungabhekwanga enye indawo, kunganyakaziswa abantu asebaziphumulela. Kasazi ukuthi izonxeshezelwa ngani le mindeni ethintekayo,” kusho uMnu Qwabe. UMnu Mandla Zondi oyiMeya yaseMshwathi ethintwa okokuqala ngalolu daba, uthe ubengakaze aluzwe, wacela ukunikwa isikhathi ukuze ayozibonela. UMnu Zondi ube esebuyela kuleli phephandaba, waveza ukuthi empeleni amathuna aguguleka ngephutha, waxolisa emindenini ethintekayo. “Kuliqiniso ukuthi bekunohlelo lokwakhiwa kwezindlu zangasese kodwa ukuguguleka kwamathuna kwenzeka ngephutha, siyaxolisa emindenini okugugulwe amathuna ayo,” kusho uMnu Zondi.


Uthi lawa mathuna sekuneminyaka avalwa kawasasebenzi. Uphinde wagxeka amalungu omphakathi axhumane neLANGA, wathi akasiboni isidingo salokho ngoba bekumele aye kwamasipala uma enezikhalo. “Le nto inenhlese yepolitiki, kungani bengazanga kwamasipala bezothula izikhalo zabo ngalokhu? Abantu abenza lo msindo yilabo abebephikisana nokubekwa kwekhansela elikhona njengamanje ngesikhathi kunokhetho,” kusho uMnu Zondi. UDKT Velaphi”VVO” Mkhize oyisazi samasiko, uthi ngokosiko, uma kuthintwe ithuna lomuntu ngendlela engafanele, kumele kwenziwe isiko lokushweleza. “Ithuna yinto ethintwa ngumndeni kuphela, akekho omunye umuntu onelungelo lokulithinta. Uma umasipala uneqiniso, bekumele ubheke ukuthi ngawobani amathuna athintekile bese ukhipha isinxephezelo okungaba yimali yokuthi imindeni ithenge izimbuzi bese yenza isiko lokushweleza.
www.ilanganews.co.za

Previous articleKubulawe umbhishobhi nenkosikazi yakhe
Next articleUngqongqoshe ufanise “abebehlukumeza” uzakwabo nemigodoyi