SKHOSIPHI MTHEMBU
AYAVEVA amalungu omphakathi waseClermont, eThekwini ngomfanyana ochanasa ngaphandle yize evulelwe icala lokunukubeza izingane zomakhelwane, ephindelela. Kubikwa ukuthi umsolwa oneminyaka ewu-13, unukubeze izingane ezineminyaka ewu-7 no-6 kanti lolu daba seluze lwange-nwa ngamalungu omphakathi njengoba imindeni ibingabikelwa lutho ngokuqhubekayo ngecala.
Umndeni wesinye sezisulu uthukuthele uthelwa ngamanzi ngenxa yokuchanasa ngaphandle komsolwa. Kubikwa ukuthi sekuphele izinyanga ezimbili kwenzeke isi-gameko, kodwa umndeni uthi kawaziswa ngokuqhubekayo ecaleni.
Unina wesisulu esineminyaka ewu-7 – ongeke adalulwe ukusivikela – uthi kumanje indodakazi yakhe ihamba osonhlalakahle emuva kokunukubezwa ngumsolwa. “Ngosuku enukubeza ngalo ingane yami, ngangikhona endlini. Yaphuma iyodlala kwamakhelwane ngoba ijwayele ukuya khona. Kwathi uma kuhamba isikhathi ingabuyi, ngaphuma ngiyoyibheka. “Ngafika ingekho wamakhelwane, ngabuza kwezinye izingane zathi ihambe nomfana wakhona. Ingane yaaze yabuya ekuhambeni kwesikhathi, ikhala. Ngayibuza ukuthi kwenzekeni, yangitshela ukuthi ishaywe ngumfana wakwamakhelwane. Udadewethu wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi, wathi masiyibhekisise esithweni sayo sangasese, sathola ukuthi iyopha. Sayibuza ukuthi kwenzekeni, yasitshela ukuthi umfana wakwamakhelwane oyinukubezile.
“Yaveza ukuthi besekungokwesibili enza le nto kuyona. Kube sekuvela nokuthi akuyona kuphela abeyinukubeza, kukhona nenye yakwamakhelwane nayo abeyidlwengula. Siyile kumsolwa siyombuza, waphika ukuthi uyinukubezile, wasitshela ukuthi uyifake isandla esithweni sayo. Siyiphuthumise emtholampilo, yahlolwa ngaphambi kokuba sivule icala, baqinisekisa ukuthi inukubeziwe,” kusho unina wesisulu.
UMnu Lindile Mbangatha oyilungu lomphakathi, ongaphansi kohlaka iPeace and Stability, eClermont, uthi udaba baluzwile. “Okusiphatha kabi ngalolu daba wukuthi umzali kamsolwa ukhombisa ukumvuna. Kodwa-ke udaba sizolulandela kuze kube uyabhekana namacala akhe,” kusho uMbangatha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-13, uvelile enkantolo, kulindeleke ukuba abuyele maduze kuyona le nyanga.