Inyakazisa uMnyango wezoLimo eyomkhuhlane wezinkukhu

    128

    Jabulani Sikhakhane

    UNGQONGQOSHE wezoLimo, uNkk Thoko Didiza (osesithombeni), usememezele ukuthi umnyango wakhe uzosheshisa ukukhishwa kwezimvume zokuthengwa kwamaqanda kwamanye amazwe ukuze kuvalwe igebe lokushoda kwawo eNingizimu Afrika, osekudale ukwenyuka kwentengo yawo.

    Wenza lesi simemezelo nje uNkk Didiza, izitolo zakuleli sezimemezele ukuthi ngeke zivumele ikhasimende ngalinye lithenge amaqanda angaphezulu kwawu-6 ngasikhathi sinye.

    Umsuka wakho konke lokhu, wukudloba komkhuhlane wezinkukhu osuholele ekutheni kubulawe izigidi ngezigidi zazo. Ukuvuselela imboni yokukhiqiza amaqanda kuthatha isikhathi eside. 

    Zimbili izizathu zalokhu, ziphathelene nesimo nokusebenza kwemboni yokukhiqizwa kwezinkukhu emhlabeni jikelele. 

    UNkk Didiza wenze lesi simemezelo emuva komhlangano wakhe nabaholi bezitolo kuleli, olandela abenawo ekupheleni kwesonto eledlule nabemboni yezinkukhu. 

    Isitatimende somnyango wakhe sithi, uxoxe nabezitolo ngemizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwalo mkhuhlane nezinyathelo uhulumeni ozozithatha, ubambisene nabemboni yezinkukhu, ukuvikela iNingizimu Afrika kulo mkhuhlane eminyakeni ezayo.

    Kucacile kulo mhlango ukuthi inkinga enkulu edalwe yilo mkhuhlane isekukhiqizweni kwamaqanda. 

    Umnyango kaDidiza uthi umatasatasa nemizamo yokuthola amaqanda kwamanye amazwe, nokunqanda ukwandwa kwalo mkhuhlane.

    Awu-6 amazwe athengisela leli amaqanda kakhulu; yiDenmark, i-USA, yi-Italy iNetherlands, yiFrance ne-Argentina. 

    Lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika izoncika kakhulu kula mazwe njengoba seyivele inemigudu yokuhwebelana ngamaqanda.

    Ngokujwayelekile, imboni yaphesheya neyakuleli ingaphansi kwezinkampani ezimbili kuya kwezintathu. Uma leli lifuna ukuphemba kabusha, kumele lithenge amachwane anosuku olulodwa phesheya. 

    Zintathu izinhlobo zalawo machwane asetshenziswa kakhulu kuleli – ngokusho kwenhlangano yemboni yezinkukhu – ngama-grandparent, ama-parent nama-pullet. 

    Zimbili izinkampani eziphethe lo msebenzi wokukhiqiza la machwane abizwa ngomkhulu nogogo (phecelelezi, grandparents). 

    Uma ama-grandparent esefikile kuleli, ayakhuliswa, bese ekhiqiza ama-parent, okuyiwona akhiqiza ama-pullet azokhuli-swa afinyelele emasontweni awu-21, okuyisikhathi lapho esekulungele ukukhiqiza amaqanda asengathengiswa.

    Uma kusukwa ekufikeni komkhulu nogogo (grandparents) kuleli, kungathatha unyaka nohhafu (nangaphezudlwana) ukufika ezinkukhwini ezisezingeni lokukhiqiza amaqanda.

    Izifundazwe ziyehluka ngokukhiqiza amaqanda. Umbiko wemboni yezinkukhu uthi leli lakhiqiza amaqanda angaphezu-dlwana kuka-700 million ngo-2021.

       I-Gauteng ihamba phambili ngamaqanda angaphansana kuka-25%, kulandele ezaseWestern Cape nezaseNorthern Cape  (22%), iFree State (15%) kanti iKwaZulu-Natal yona, wu-10%.

    Ukukhiqizwa kwamaqanda kuncike kakhulu esibalweni sezikhukhukazi – ngokusho koMnyango weZolimo – okubeka obala isizathu sokushoda kwawo njengoba izikhukhukazi sezibhujiswe wumkhuhlane. 

    Ngo-2020, iNingizimu Afrika yayinezikhukhukazi ezilinganiselwa ku-29 million. Lesi sibalo sehla kancane ngo-2021 emuva kokungena komkhuhlane owaphoqa ukuthi kubulawe izikhukhukazi eziwu-2 million, ngokombiko wenhlangano yabezimboni zezinkukhu.

    Izakhamizi zakuleli ngonyaka zidla amaqanda alinganiselwa ku-159 umuntu ngamunye, (ngokwemininingwane yonyaka ka-2021). 

    Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikalo sithatha isibalo samaqanda athengiwe enyakeni bese siwehlukanisa ngesibalo sezakhamizi. Lesi sikalo kasisho ukuthi bonke abantu bakuleli badla amaqanda, bakhona abangafuni nokuwabona.

    Ukudliwa kwamaqanda kuleli kusilele uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe. AbaseMexico, okuyizwe eliwumakhelwane ne-USA, badla amaqanda awu-380 ngonyaka, okuyisibalo esiphindwa kabili kunaleli.

    Bayakhononda nokho abemboni yezinkukhu, bathi izitolo zenza enkulu inzuzo ngokuthengisa amaqanda. 

    Bathi zithengisa amaqanda ngentengo ephindwe kabili nangaphezulu kunaleyo eziwathenga ngayo kubakhiqizi bawo. 

    Previous article“Zithathwa eZimbabwe iziqhumane zokuhlakaza ama-ATM” umbiko
    Next articleSizoqhubeka nokweseka uhulumeni, kodwa…