Inyoka “iphoqe” abasolwa ukubingelela imantshi besevenini

392

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UBINGELELE imantshi esevenini yamaphoyisa owesilisa (42) osolwa ngokunukubeza ingane (14)
yomfowabo yakhulelwa, ngenxa yokubonakala kohalakasha lwenyoka emagcekeni eNkantolo yeMantshi KwaMaphumulo ngoLwesibili. 

ILANGALempelasonto lithole ukuthi isigameko sokunukubezwa ngokocansi
kwale ntombazanyana, senzeke ngoNhlangulana (June), kanti umndeni uze wathola udaba ngoba sekubonakala isisu. 

Kuthiwa isigameko senzeke ingane ivakashele kubo kayise, izikole zivalelwe amaholide kaNhlangulana. Leli phephandaba likhulume nonina wesisulu (ongeke adalulwe ukusivikela), oveze ukuthi selokhu kwenzeka lesi sigameko, indodakazi yakhe isihlale inolaka. Uthi ngenxa yesimo, kugcine kuphoqa ukuba isihushule isisu. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-42 ngecala lokudlwengula. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleIthele usawoti esilondeni somnyango eyokubulawa kukathishanhloko
Next articleUMkokstad ugoduke neyeBest Song Writer kumaCrown